Umunyu kuvela abasolwa ngokubulala abafana ababili

Isolezwe - - IZINDABA - MLUNGISI GUMEDE

EZWAKALE egquma, kuba nomunyu ngesikhathi amalungu omphakathi abegcwele iNkantolo yesiFunda iTheku, izolo, ezibonela abasolwa ababili kwabathathu ababekwe icala lokubulala abafana ababili abaduke ngeledlule batholwa sebebulewe.

Amaphoyisa abesiqaphe ngelokhozi isimo, ekhuza amalungu omphakathi ukuthi awaziphathe kahle njengoba kade sekukhona abengundazela esebona abasolwa.

Umshushisi wombuso u-Advocate Deno Dalais uthe yize bekuqonda ubucayi becala kodwa bayacela ukuthi umphakathi uziphathe kahle uyekele umthetho wenze umsebenzi wawo.

UNksz Liziwe Ngwayitshe (33) ongummangalelwa wesibili noMnuz Ali Yusuf (46) oyinyanga bavele enkantolo izolo icala labo lahlehliselwa uMsombuluko ozayo, lapho kulindeleke ukuthi bavele ndawonye nommangalelwa wokuqala uNksz Amahle Maliwa (28).

UNksz Maliwa yena uvele enkantolo ngoMsombuluko, icala lakhe lahlehliselwa uMsombuluko ozayo.

UNksz Maliwa ongummangalelwa wokuqala kuvela ukuthi ubethandana noyise womunye wabafana ababulewe, uNjabulo Mankayi (10). Isidumbu sikaNjabulo sitholwe ngabasebenzi bakwaTransnet ngoMsombuluko eBayhead kanti esomngani wakhe uLuyanda Msomi (10) sitholwe ngoMgqibelo ngasesiteshini sesitimela eClairwood.

Kuthiwa uNksz Maliwa ubesethandane isikhathi eside noyise kaNjabulo wabe esemala ngenyanga edlule ngoba ekhala ngokuthi akamhloniphi unkosikazi wakhe.

UNksz Maliwa kuthiwa walisongela ishende lakhe wathi uzolifundisa abantu ngemuva kokumala.

Bobathathu abasolwa babekwe amacala ayisithupha, amabili okushaya ngenhloso yokulimaza, amabili okuthumba namabili okubulala. Ngesikhathi evela enkantolo uNksz Ngwayitshe ebembathe itshali elimhlophe emahlombe ebukeka ethukile.

NJABULO MANKAYI

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.