ULynne Brown ufuna kuboshwe abamdukisa

Isolezwe - - IZINDABA - BONISWA MOHALE

UNGQONGQOSHE wamaBhizinisi kaHulumeni uNksz Lynne Brown, uthi izikhulu zakwaEskom ezamkhohlisa ngombiko wokusetshenziswa kukahulumeni yidlanzana, kufanele zibekwe amacala.

UNksz Brown ukhulume kanje emuva kokuthi umkhulumeli webhodi lakwa-Eskom, uMnuz Khulani Qoma, emsole ngokuthi nguye owayengafuni ukumisa owayeyisikhulu esiphezulu sakwaEskom uMnuz Matshela Koko, emuva kokuyalelwa ngumndeni wakwaGupta.

UNksz Brown usole izikhulu zakwa-Eskom ngokungamtsheli iqiniso ngodaba lweTrillian okuyinkampani esondelene nomndeni wakwaGupta eyayizothola ithenda kwa-Eskom.

“Angikaze ngiyalelwe ngabantu ukuthi ngiwenze kanjani umsebenzi wami. USihlalo osabambile wakwaEskom ungitshelile ukuthi labo abangikhohlisile bazojeziswa,” kusho uBrown.

Uphinde wacela ikomidi elibhekele amabhizinisi kahulumeni ukuthi livumele abasolwayo ukuthi bazobeka uhlangothi lwabo.

“Ikomidi kufanele lisinike ithuba lokuthi sizikhulumele lingathembi ubufakazi obuyinzwabethi. Uma begcina bengasinikanga ithuba lokuthi siziphendulele ezinsolweni esibekwa zona kuzofana nokuthi basifaka enkantolo yasehlathini,” kusho uNksz Brown.

UQoma usole uNksz Brown ngokuqamba amanga nokudala izinkinga kwa-Eskom.

“Inkinga enkulu

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.