Ucishe waphuthelwa enyundelwa

Isolezwe - - IZINDABA - MLUNGISI GUMEDE

UCISHE waphunyukwa iqatha emlonyeni owayehola uphiko lwentsha lwe-IFP, uMnuz Thulasizwe Buthelezi (osesithombeni) okulindeleke ukuthi afungiswe ngoLwesihlanu njengeMeya entsha eMkhandlwini waseZululand. Ngokomthombo weSolezwe onolwazi oluningi nge-IFP, uthe bekunemizamo yokuhoxisa uButhelezi ekutheni agcotshwe njengemeya ebeyiqhutshwa abathize kuleli qembu. Uqhubeka umthombo uthe ngemuva kokuphakanyiswa kwegama lakhe uButhelezi, iqeqebana labaholi okuthiwa abamfuni liqale laveza izindaba zokuthi unobulungu be-ANC. “Leli qeqebana lize lahlanganisa uhlu olukokoteliwe lwamagama amalungu e-ANC eZululand lapho lifake uButhelezi kunombolo 10. Kuthiwa lolu luhlu lwethulwe nasesigungwini esiphezulu eqenjini okuthe uma kwenziwa uphenyo kwatholakala ukuthi lungumbombayi,” kulandisa umthombo.

Uthe ngemuva kokuhluleka kwalo mzamo, kube sekubhalwa incwadi evulelekile ebiyiswa esigungwini esiphezulu.

Lo mthombo uthe lo mbhali uveze ukudumala kwakhe ngokuqokwa kukaButhelezi, wathi ukuqokwa kwakhe kushayisa amakhala.

Isolezwe linayo le ncwadi ebhalelwe isigungu esiphezulu se-IFP.

Imizamo yokuthola uButhelezi ukuthi aziphendulele izolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti nomyalezo athunyelelwe wona akazange awuphendule.

Leli phephandaba lithole ukuthi isigungu esiphezulu se-IFP sihlanganile ngoMsombuluko lapho kuphakanyiswe khona indaba yale ncwadi kodwa yachithwa.

UButhelezi bekumele agcotshwe emasontweni ambalwa edlule kodwa ukugcotshwa kwakhe kwahlehliswa.

Ngemuva kokuhleliswa kuvele izinkulumo eziningi ezithi kukhona abafuna ahoxiswe.

Izolo okhulumela uMkhandlu waseZululand, uMnuz Musa Mkhize uthumelele abezindaba isimemo somcimbi wokugcotshwa kweMeya entsha ngoLwesihlanu.

Yize esitatimendini kungazange kushiwo ukuthi ubani ozobe egcotshwa kodwa umthombo weSolezwe uthe uButhelezi.

Ethintwa uMkhize uthe usemhlanganweni wathembisa ukuthi uzobuyela entathelini okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyanga.

IPhini lo mkhulumeli we-IFP uMnuz Joshua Mazibuko, lithe alunalwazi ngokuthi ngubani ozogcotshwa njengemeya yaseZululand, wanxusa ukuthi kuthintwe okhiphe isimemo sokugcotshwa kwaButhelezi, uMkhize.

Mayelana nencwadi ekhala ngokuqokwa kukaButhelezi, naye athunyelelwe yona, uMazibuko uthe kusukela ngo-Okthoba 3 kuya ku-Okthoba 8, ubeseBangladesh, wabuya khona wagula.

“Bengingakasitholi isikhathi sokubheka izinto zami, nanamhlanje bengithi ngiya emsebenzini ngabuyiselwa emuva ngenxa yokugula,” kusho uMazibuko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.