Abafundi bachitha owemfundo yamahhala

Isolezwe - - IZINDABA - MHLENGI SHANGASE

IZINHLANGANO zabafundi sezichithe iziphakamiso zekhomishini ebiphenya ngemfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme kuleli njengoba zithi zifuna imfundo yamahhala iqale ngonyaka ozayo.

Lezi zinhlangano zisabise ngokuthi uma uMengameli Jacob Zuma eqhubeka neziphakamiso zekhomishini ebiholwa iJaji Jonathan Heher kuzophazamiseka ukufunda kozayo.

Lokhu kulandela ukukhishwa kombiko obulindwe ngabomvu onamakhasi evile ku-700.

Ezinye zezincomo eziphezulu ngukuthi kumele amabhange amakhulu aboleke abafundi imali yokufunda bese uhulumeni emela abafundi ukuthi uma bengakhokhi uzobakhokhela.

Okwamanje lezi kuseyizincomo zekhomishini njengoba uZuma ezokhipha umkhombandlela ngokumele kwenziwe njengoba ejube ithimba eliholwa nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnuz Jeff Radebe ukuthi licubungule umbiko bese lenza izincomo.

UMnuz Avela Mjajubana, umengameli wenhlangano emele imikhandlu yabafundi iSouth African Union of Students (Saus) uthe kuzoma nse yonke into uma bengayitholi imfundo yamahhala.

Uthe kudala besho ukuthi bafuna imfundo mahhala okuyinto eyavunywa yi-ANC. UNobhala weSasco, uThembani Makata, uxwayise ngokuthi iziteleka zemfundo yamahhala zizoqala phansi.

“Ngonyaka ozayo ngeke kufundwe uma singayitholi le mfundo. Asifuni kube nohlelo lokuthi abafundi baboleke imali yokufunda okumele bayikhokhe, sifuna imfundo yamahhala,” kusho uThembani.

Okhulumela i-EFF uMnuz Mbuyiselo Ndlozi, uthe ukufunda mahhala kwabafundi basemakolishi kuphela kuzogcwalisa kakhulu lezi zikhungo abantu abamnyama.

“Emanyuvesi kuzoya abambalwa, abafundi abamnyama bazogcwala emakolishi. Siyakuchitha lokhu ngoba wonke umuntu kumele alithole ithuba lokuya enyuvesi.”

I-UDM neDA bathe abafundi bazogqugquzeleka ukuthi baye emakolishi amakhono. UNobhalajikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe, uthe imfundo yamahhala wumgomo we-ANC ngakho akuyona into engalokhu ibhungwa.

I-ANCYouth League ithe: “Kumele ibe khona le mfundo ngoba yinto esanquma ngayo kudala. Siyaluchitha uhlelo lokuthi abafundi bangene ezikweletini ngokuthi baboleke imali yokufunda,” kusho uMantashe.

UMnuz Steven Zwane, isikhulu sesikhwama esixhasa abafundi ngemali, iNational Students’ Financial Aid Scheme, uthe iziphakamiso aziwona ujuqu, uZuma usazomemezela ngokumele kwenziwe. Uthe ukholwa wukuthi lesi sikhwama kumele siqhuebeke nokuxhasa abafundi njengoba kunesiphakamiso sokuthi sishintshwe kube nohlelo lokuthi abafundi baboleke izimali kusetshenziswe amabhange amakhulu ezweni.

USihlalo weNSFAS uMnuz Sizwe Nxasana ucashunwe ethi, isiphakamiso sokuthi kubolekwe imali emabhange ngeke siyixazulule inkinga yoxhaso kubafundi.

Uthe amabhange awamane akhiphe imali njengoba esuke ebheke ukuthi ibuye.

Ezinye zeziphakamiso zekhomishini ngukuthi abafundi basemanyuvesi baxhaswe ngemali yokufunda ezothathwa emabhange bayikhokhe uma sebesebenza. Imali iqoqwe yiSARS.

Ephendula umbuzo obhaliwe ePhalamende uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uSolwazi Hlengiwe Mkhize, uthe iNSFAS ikweletwa uR10.150 billion ngabafundi asebathola iziqu nabashiya phakathi izifundo.

Bangu-166 724 abafundi asebathola iziqu abakweleta uR6.148 billion kuthi uR4.002 billion ukweletwa abashiya phakathi.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.