Kugxekwe abahlasele badubula owokufika

Isolezwe - - IZINDABA - MLUNGISI GUMEDE

USEYOWUPHOSA umbalane owesilisa waseGeorgedale ngaseHammarsdale odutshulwe amahlandla amahlanu emlonyeni ngabasolwa abangaziwa abafike esitolo sakhe bezophanga.

UMnuz Imrit Hamid, kuthiwa ubesesitolo sakhe ngoMgqibelo ebusuku kugasela abasolwa abathathu abafike bamfuna imali wabanikeza, babe sebeyamdubula ngaphambi kokuthi bantshontshe impahla yesitolo.

Umfowabo kaHamid, uMnuz Ayanda Hamid, uthe basashaqekile ngalesi sehlo.

“Asazi ngempela ukuthi abasolwa bese bemdubulelani umfowethu ngoba bese bekutholile lokhu abebekufuna, imali,” kusho u-Ayanda.

Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sehlo wathi amaphoyisa aseMpumalanga aphenya icala lokuzama ukubulala.

UZwane uthe okwamanje bekungakaboshwa muntu.

IPhini likaSihlalo wekomiti lezokuPhepha eMkhandlwini weTheku, uMnuz Nkosiphendule Dlamini ophinde abe yikhansela eMpumalanga, usigxekile lesi senzo, wathi izigameko ezifuze lezi azidingeki emphakathini.

UDlamini uthe bayethemba futhi bayathandaza ukuthi isigameko salolu hlobo besiqala sigcina.

“Asikwazi ukuthi into enjena singayikhuzi ngoba sithola ngathi ifuna ukuhlobana nenzondo ebhekiswe kubafowethu basezwenikazi,” kusho uDlamini.

UDlamini unxuse umphakathi ukuthi wehlise amaphaphu uyekele umthetho uthathe indawo yawo.

“Ngokwazi indaba yodlame lwaseMpumalanga, izigameko zalolu hlobo zidinga ukukhuzwa ngayo yonke indlela ngoba uluthi olulodwa lukamentshisi olungagcina lubhubhise abantu.

“Siwumphakathi asifuni ukubuyela emuva,” kusho uDlamini.

Uthe uhulumeni wenza konke okusemandleni ukulwa nobugebengu bese kuba khona idlanzana labantu elenza lowo msebenzi uphenduke ize.

“Abantu abenza ubugebengu kumele sibakhiphe inyumbazane emphakathini wethu ukuze bayibone ukuthi le nto abayenzayo kayamukelekile,” kusho uDlamini.

UDlamini uphinde wayigxeka inkulumo enohlevana esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana egqugquzela inzondo kwabamnyama.

Isithombe: FACEBOOK

UMMELI uthi inkantolo ayizibheki izifiso zomphakathi ngecala kodwa ibuka ubunjalo balo njengakwelikaMnuz Mduduzi Manana ogwetshwe ngoMsombuluko

IPHINI likaSihlalo wekomiti lezokuPhepha eMkhandlwini weTheku uMnuz Nkosiphendule Dlamini ophinde abe yikhansela eMpumalanga ugxeka izigameko zobugebengu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.