Uzoya enkulisa okushone kuyo usana

Isolezwe - - IZINDABA - ZANELE MTHETHWA

AKUKHO mthetho ovimbela ukugadwa kwezingane ezisanda kuzalwa ezinkulisa kodwa kumele zinakekelwe ngokwehlukile kunezinye.

Lokhu kushiwo nguNkk Nokuthula Zulu onguSihlalo we-Early Childhood Development kuleli, ephawula ngosana olunezinyanga ezimbili okusolwa ukuthi lushone lusenkulisa yaseNanda ngesonto eledlule.

UNkk Zulu uthe lumphathe kabi lolu daba kangangoba usehlele ukuziphenyela lona nethimba asebenzisana nalo.

“Ngihlele ukuthi siyobonana nomnikazi wenkulisa ngoLwesihlanu ngoba nathi kumele sazi ukuthi kwenzekani kulesi sigameko.

“Ngokomgomo wezinkulisa kuqala enganeni ezelwe ukwamukela kuzo kodwa siyakugcizelela ukuthi kumele zinakwe ngokwehlukile.

“Kunzima ukunqabela umzali ehluphekile efuna ukuletha ingane encane.

“Okubalulekile ukuthi izingane ezisencame kakhulu zibe nendawo yazo zodwa futhi zibe nothisha wazo,” echaza.

Uthe akuvumelekile ukuxuba izingane ezisagonwa nezingane esezikhulile ngoba kwenza zinganakekeleki kahle.

Mayelana nokudla, uthe kumele wonke umzali oletha ingane agcwalise ifomu lezidingo zayo.

“Kule fomu ubhala zonke izidingo zengane ukuze bazi abayigadayo.

“Uyakubhala nokudla ekudlayo kodwa kuyenzeka inkulisa ingabi nakho okunye. Kulokho sikhuthaza ukuthi umzali ayiphathise ukudla kwayo ingane,” kusho uNkk Zulu.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi ayaphenya ngokushona kosana enkulisa yaseNewtown C eNanda ngoLwesibili olwedlule, okuthiwa beluqale kuyo ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe idokodo ngokushona kwengane.

Ukushona kwalolu sana kuthiwa kuqinisekiswe ngudokotela emtholampilo, othe ibisinesikhathi eside ishonile.

Uninakhulu wengane uNksz Nombulelo Mvusi uthe bayingcwabe ngoLwesihlanu ingane kodwa basafuna izimpendulo ngokufa kwayo.

Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe uthe ubesalindele abezenhlalakahle abathembise ukuzobonana nabo mayelana nesigameko.

Umndeni wosana ukholwa ukuthi lushone lukhona enkulisa njengoba uNksz Mvusi ethi wayithatha ibanda, wayiphuthumisa emtholampilo.

Uthe ibingakaze igule futhi nangesikhathi ishiywa enkulisa yayiwumqemane. Ukhala nangokudliswa kwayo iphalishi lempuphu, athe ekhaya ibingalidli kodwa incela ubisi lwebhodlela kuphela.

Umnikazi wenkulisa uNkk Nombulelo Ndlovu uthe bavumelana nomzali wengane kuthi ifunzwe iphalishi.

Uthe yayiwumqemane ingane kodwa naye wathuka esetshelwa uninakhulu wayo ukuthi iyabanda.

Isithombe: SIGCINIWE

UZOVAKASHELA inkulisa ephenywa ngokushona kosana uNkk Nokuthula Zulu onguSihlalo we-Early Childhood Development kuleli othe lubakhathazile lolu daba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.