IZimbabwe naleli asefana okwezithupha zibheke ogwayini

Isolezwe - - IMIBONO -

MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni. Ngivumele ngiphawule ngokwenzeka eZimbabwe nakuleli. UMengameli Robert Mugabe waseZimbabwe uxoshe iphini lakhe ngoba ephendlela umkakhe ongumshayi wempama odumile eGoli, njengoba wabhaxabula unobuhle wakuleli, washaya wachitha.

Kanti kuleli lengabadi uMsholozi uziba iphini lakhe okunguMnuz Cyril Ramaphosa ulishaya ngesithende, ucabela indlela owayengumkakhe uNkosazana Dlamini Zuma. Uma ungathi uyabheka eqenjini elibusayo izinto zimapeketwane njengoba yilowo nalowo ezamela iphakethe lakhe nomndeni wakhe, kanjalo nakuZanu PF kwenzeka okufanayo

UMengameli Mugabe akanandaba nokuthi walwela inkululeko, ucabangela umndeni wakhe kuphela. Yingakho la mazwe esebole kanje. Freeman Sfundo Manyoni EMZINGAZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.