Umasipala waseMsinga wasigibelisa amaloli sikhubazekile

Isolezwe - - IMIBONO -

Sbonisiwe Shezi PINETOWN MHLELI: Ngisacela ungiphe isikhala nami ngiphawule ngokuphoxeka kwami ngoMasipala waseMsinga.

Ngiyisakhumuzi ngikhubazekile. Ngomhla ka 31 Okthoba 2017, umasipala ube nomhlangano eZinketheni Hall ku-ward 2. Angazi noma nami ngangemukelekile yini?

Okwenza ukuthi ngibuze lokho wukuthi sasithuthwa ngamatruck uma siya emhlanganweni. Angazi ukuthi kungani bengasicabangelanga thina esikhubuzekile? Konje ungagibela kanjani elolini ukhubazekile?

Mina ngajika esitobhini. Okwesibili uMnyango wezokuThutha ushumayela indaba yokuphepha emgwaqweni kodwa okwenziwe umasipala wethu kuyaphikisana nakho konke lokho. Ake nisicabangele nathi thina bakontuthu esikhubazekile. Syazi Ndlovu EMZWENI EMSINGA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.