Ukhathazwa wukukhuhla ibhentshi

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

ISITOBHA se-Orlando Pirates, uNkosinathi Mthiyane, sivule isifuba ngobunzima bokukhuhla ibhentshi kweZimnyama.

UMthiyane ojoyine iPirates ekuqaleni kwesizini edlule ulizwa ngendaba ijezi selokhu ebuyele kweZimnyama. Ngesizini edlule uke wabolekiswa kwiLamontville Golden Arrows afike kuyona walenza elakhe ijezi ngakwesokunxele emuva.

I-Pirates igcine ithathe isinqumo sokumbuyisa kodwa lutho ukumdlalisa. Indawo yakhe idlalwa ngu-Innocent Maela osefomini. Uke wathinteka uMaela kwangena uMarc van Heerden emidlalweni edlule.

UMthiyane akakadlali ngisho umdlalo owodwa selokhu kuqale isizini. Utshele abezindaba ngesikhathi edlala eqenjini lePirates leMultiChoice Diski Challenge ukuthi ufuna ukunikwa ithuba lokuzibonakalisa.

“Ngiyaphila ngingumqemane. Into engiyifunayo nje nami yithuba lokuzibonakalisa. Ngeke ngithi umbango ushubile ekubeni ngingakaze ngilithole ithuba. Yebo kona umbango ukhona kodwa bonke abantu engibanga nabo basalitholile ithuba. Nami ngiyafisa ukuthola ithuba. Isimo sami kumele ngibhekane naso njengoba sinjalo. Akumnandi ukulokhu ngiyiswa lapha nalapha, akusona isimo esithokozisayo. Umqeqeshi akakaze asho lutho kimina selokhu kuqale isizini,” kusho uMthiyane.

EzikaMthiyane zidonsa kanzima emidlalweni yeligi. Sezidlale imidalo emine ilandelana zinganqobi. Zagcina ukuwina umdlalo ngoSepthemba ziguqisa iCape Town City ngo 1-0. NgoLwesibili ngo-7.30 ebusuku zizodudulana neLamontville Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto.

UMthiyane uveze ukuthi izikhulu zeqembu yizona ezizothatha isinqumo sokuthi uyahlala yini noma uyabolekiswa njengoba kuzovulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.

“Mina ngeke ngazi, konke kulele kubaphathi bami. Mina ngizolalela engitshelwa kona ngoba ngisenenkontileka nePirates. Okwamanje kusathulekile angikaze ngizwe lutho. Kuyasiza ukudlala kwiDiski Challenge ngoba kukugcina usesimeni esihle ngoba ithuba ngeke wazi ukuthi lizoqhamuka nini,” kusho uMthiyane.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.