UMCCARTHY UZOBHEKANA NEKOMITI LE-PSL

Isolezwe - - EZEMIDLALO -

UPOTSHOZA ngeke amangale uma kuwukuthi baningi abebevele bebala imidlalo ngaphambi kokuthi umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, azithole esebhekene nokuqondiswa ubugwegwe yikomiti lePremier Soccer League (PSL).

UMcCarthy uyaziwa ngisho esengumdlali ukuthi ubengakwesabi ukusho noma yini emshisayo ngale kokukhathalela ukuthi iziphathimandla zizothini.

NgoLwesibili oluzayo uzobhekana ubuso nobuso naleli komiti ngemuva kokubiza “ngenkomo” unompempe uPhilip Tinyani owayephethe umdlalo wezakhe neChippa United ngenyanga edlule.

UMcCarthy kuthiwa wabuzwa ngemuva komdlalo ngendlela uTinyani ayephethe ngayo umdlalo, waphendula wathi: “Ungangibuzi ngaleyo nkomo.”

I-Platinum nayo izovela ngosuku olufanayo isolwa ngokungalethi isikwati sayo kusenesikhathi ngesikhathi izodlala neMaritzburg United koweligi ngenyanga edlule.

Izolo leli komiti belihlalele udaba lwesikhulu seBidvest Wits uJonathan Schloss okuthiwa wakhuluma amagama ayiziswana ewabhekise kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ababedlala nayo ngoSepthemba.

Ngemuva kwalowo mdlalo uKomphela wakhala “ngomlungu” osemphuze inyongo ngokumdelela njalo.

Ngokwemibiko kuvela ukuthi iWits ishaya phansi ngonyawo ithi kungani uKomphela engabekwa icala ngokufaka ubuhlanga kungenasidingo enkulumweni ayenza. zopondo waqoma ukuzomela iNingizimu Afrika kwi-Africa Cup of Nations ngo-1996 lapho ashaya khona amagoli amabil kowamanqamu anqobisa iBafana indebe ihlula iTunisia.

“Izophuma ngo-2018. Ngiyazi wonke umuntu uyafuna ukwazi iqiniso ngokuthi kungani ibhola laseNingizimu Afrika lingayi ndawo ngemuva kweminyaka emingaka. Iningi kakhulu ipolitiki ekhona. Ngebhadi yimina okumele ngisho iqiniso linjengoba linjalo,” kusho uWilliams. UDelron Buckley ngomunye umdlali okhiphe incwadi ngempilo yakhe, esuka lapha esengumfanyana eyofuna amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle. kuvuselela inkontileka neZitshudeni.

Ngesizini edlule bekubukeka umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, ezogcina ephumelele ukuthola uMotshwari abefuna ukuqinisa ngaye iqembu lakhe.

Nokho lo mqeqeshi ugcine ekhalele kukaputeni we-Orlando Pirates, u-Oupa Manyisa, emuva kokuthi uMotshwari evumelene ngombandela neZitshudeni wokuvuselela ngeminyaka emibili.

UMotshwari ubefunwa nayiPirates.

UPotshoza utshelwe yingede yakhe engashayi eceleni ukuthi uMosimane usaqhubeka nokumfuna uMotshwari.

“Namanje uPitso usamfuna lo mfana. Uyamthanda. Kodwa asazi noma iWits izovuma yini ukumdedela. UPitso ukholwa wukuthi usengamthola,” kusho umthombo.

UMotshwari usanda kuhlinzwa edolweni emuva kokulimala iWits ibhekene neFree State Stars emasontweni edlule.

Lokhu kusho ukuthi ngeke abonakale emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom Knockout neKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

PITSO MOSIMANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.