BAZOBHEMA BAKHOLWE ABALANDELI EMDLALWENI WOSUTHU

Isolezwe - - EZEMIDLALO -

BAZOBUSISWA yizilomo zomculo uBabes Wodumo, DJ Tira noKhuzani abathandi bebhola likanobhutshuzwayo abazokwethamela umdlalo waMaZulu neKaizer Chiefs ngoLwesithathu (Novemba 22) ngo-3.30 ntambama.

Lo mdlalo ubhekwe ngamehlo abomvu futhi amathikithi akhona ayinyama.

Usuthu naMakhosi bazotholana phezulu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-7.30 ebusuku kowe-Absa Premiership.

UNhlanhla Mkhathini wezokuxhumana kuMaZulu utshele iqhawe elinguPotshoza ukuthi basadayise amathikithi angu-773. Usuthu luzodayisa amathikithi angu-15 000 alo mdlalo omkhulukazi.

Uqinisekise ukuthi izilomo zomculo zizonandisa kulo mdlalo. Usuthu lukhethe ukuwudlalela eMlaza ngoba lukhala ngezindleko ezimba eqolo ngokudlalela eMoses Mabhida Stadium.

La maqembu asanda kuhlangana emdlalweni weTelkom Knockout kuLast 16 emasontweni edlule. Amakhosi abhudluze Usuthu ngo 3-0 eMoses Mabhida Stadium. Leli qembu lizobe libheke ukubuyisa izinduku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.