ITHEKU LIHLABANE NGOMUNYE UMDLALO WE-CHIEFS

Isolezwe - - EZEMIDLALO -

ITHEKU seliphinde lahlabana ngomunye umdlalo omqoka weKaizer Chiefs.

Ekuqaleni kwesizini Amakhosi amemezele ukuthi azophinde adlale eminye imidlalo yawo emithathu yasekhaya eMoses Mabhida Stadium.

Leli qembu selivele selidlalile neBaroka FC kule nkundla yaseThekwini. Liguqe ngo 2-1. Umdlalo wesibili kwemithathu ezodlalwa yiChiefs eMabhida uzoba ngoNovemba 25. Amakhosi azodudulana neFree State Stars eMabhida ngo-6 ntambama.

Izolo leli qembu limemezele ukuthi umdlalo walo we-Absa Premiership obekumele liwudlale ne-Ajax Cape Town eFNB Stadium, selizowudlalela eMabhida ngoDisemba 16. IChiefs yenze isimemezelo kwiTwitter.

IChiefs iwulethe eThekwini nowe-quarterfinal yeTelkom Knockout ewudlale naMaZulu. Amakhosi anqobe ngo 3-0.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.