UHunt akumhluphi ukuhlulwa eyeTelkom

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

AYIMKHATHAZI indaba yokuhlulwa yisicoco seTelkom Knockout umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt.

IWits izibekisele indawo kumasemi final eZiwa Mo ngemuva kokuguqisa iFree State Stars ngo 1-0. IClever Boys izodudulana neKaizer Chiefs kwi-semi final yalo mqhudelwano ohamba nesamba sika-R4,25 million, eBidvest Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

UHunt usezinqobe zonke izicoco eNingizimu Afrika ngaphandle kweseTelkom Knockout. Uphethe izicoco ezine ze-Absa Premiership, MTN 8, ABSA Cup neseMTN 8.

Exoxa naleli phephandaba uthe ayimhluphi eyokwehlulwa eseTKO.

“Angizikhathazi ngalezo zinto ezithinta izibalo namarekhodi. Mina ngihlale ngibheke ukudlulela esigabeni esilandelayo kuyo yonke imiqhudelwano esiyidlalayo. Njengomqeqeshi ngifuna ukuwina izicoco. Indaba yokuthi angikaze ngiyinqobe iTelkom akuyona into esemqondweni wami,” kusho uHunt.

IWits sekuphele iminyaka yagcina ukunqoba isicoco seTelkom. Yagcina ukuphakamisa lesi sicoco ngo1995 iguqisa iKaizer Chiefs kowamanqamu. Ngemuva kwalokho ayikaze iphinde inqobe iTKO.

Ngo-2011, iWits ithelwe othulini yi-Orlando Pirates kowamanqamu weTKO ngo-2011 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IChiefs ephethe izicoco ezingu-13 zeTKO nayo sekuphele iminyaka eyisikhombisa yagcina ukunqoba lo mqhudelwano. Empeleni izinkunzi zaseSoweto seziqede iminyaka emithathu zingawini lutho. “IChiefs, Pirates neMamelodi Sundowns bayohlale bengamaqembu amakhulu. Ukuphikwa kwabo yizicoco kula masizini akubenzi amaqembu amancane. IChiefs kusazothatha isikhathi ukuthi kube khona ofinyelela kwirekhodi layo kulo mqhudelwano. Angiboni ukuthi kuyokwenzeka ngisaqeqesha. “ISundowns iyona esaphethe izicoco eziningi zeligi. La maqembu asemakhulu namanje ngakho ngeke ngithi igebe liyavaleka phakathi kwawo namaqembu afana neWits neSuperSport United. Iseyinde indlela okusamele siyihambe ukuze siwafice,” kusho uHunt. IWits evikela isicoco seligi izinto aziyihambeli kahle njengoba ingenawo umgqigqo omuhle. Ihlulwe wukuvikela isicoco sayo seMTN 8 kanti kwiligi isishaywe imidlalo emihlanu. “Inkinga yethu siyahluleka wukuqedale amathuba esiwakhayo. Kuyo yonke imidlalo esisayidlalile awukho esihluleke wukuwuphatha. Inkinga yethu iphambi kwamapali. Phezu kwalokho siphinde salinyalelwa ngabadlali abamqoka.,” kusho uHunt. Komunye umdlalo weTKO kuzotholana iPolokwane City neBloemfontein Celtic e-Old Peter Mokaba Stadium, ngeSonto ngo3.30 ntambama.

Isolezwe lithole lezi zindaba ngoNhlanhla Shabalala ongunobhala jikelele weSouth African Football Players’ Union (Safpu) ukuthi iJomo Cosmos ikweleta abadlali imali yemiholo.

“ICosmos ayibakhokheli abadlali bayo ngesikhathi. Ngenyanga edlule kunenqwaba yabadlali engazange ihole. Nakule nyanga imali ayizange ingene. UJomo ukhala ngokuthi kune-akhawunti yakhe enenkinga njengoba kunemali okumele ayithole eqhamuka phesheya kwezilwandle. Yinkinga lena ngoba abadlali babekelwa imigomo yokuthi baziphathe kahle enkundleni nangaphandle, baphinde babekelwe nomgomo wokuthi badle izinto ezinempilo ukuze babe sesimeni esihle kodwa awukho umgomo obekelwa amaqembu ahlulwa wukukhokhela abadlali,” kusho uShabalala.

Leli phephandaba lixoxe nomdlali weCosmos ngalesi simo ababhekene naso.

“Size sahola namuhla (esho izolo). Sonke besikade singaholile. UBra-J ubelokhu ekhala ngokuthi unenkinga no-SARS. Zonke izinsuku ubelokhu ethi sizoyithola kusasa. Ngokomthetho kumele sihole ngosuku lokugcina lokuphela kwenyanga kodwa lokho akwenzeki.

“Mina bengiqala ukungayitholi ngesikhathi. Abanye abadlali sekuphele izinyanga ezimbili bengaholi. Ngenyanga edlule kukhona abangazange bahole. Ngenhlanhla anginazo izindleko eziningi, izikweletu azingimisile kabi. Ukube nginezikweletu eziningi ngabe nginenkinga. Kodwa bakhona ozakwethu abasenkingeni,” kusho lo mdlali ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa.

UShabalala uphinde waveza nokuthi udaba bahlela ukulidlulisela kwabazolusukumela.

“Njengamanje sihlela ukuthi siludlulisele kwiPremier Soccer League Dispute Resolution Chamber lolu daba. Into ebisasibambile wukuthi abanye abadlali bayesaba ukuphumela obala ngoba bazohlukunyezwa.

“Ibuhlungu le nto ngoba abanye baqashile lapho behlala khona njengoba beqhamuka ezifundazweni ezahlukene. Bazochaza bathini kubanikazi bezindlu abaqashe kuzona ngalesi simo?

“Ngenyanga edlule abanye abadlali bebejinyiswa bodwa. Laba abangu-18 abaholile ngenyanga edlule bebejinyiswa uJomo Sono bese kuthi laba abangekho kwabangu-18 abaqala imidlalo bajime nephini likaSono, uGerald Mtshali.

“I-PSL kumele ingenelele kulolu daba. Maningi amaqembu enza lo mkhuba,” kusho uShabalala.

Imizamo yokuthola uSono ayizange iphumelele kwazise ucingo lwakhe luqale lwakhala lwangabanjwa. Leli phephandaba libe selimthumelela iSMS limbuza ngezinsolo abekwa zona. Ngemuva kwemizuzu emithathu ushayele intatheli kodwa ucingo lwakhe lwavele lwacima. Intatheli ithe isibuyela kuyena bese luvaliwe.

Isithombe: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weBidvest Wits uGavin Hunt ubheke ukudlula kwiKaizer Chiefs abazobhekana nayo emdlalweni weTelkom Knockout eBidvest Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.