Uphazanyiswe wukubhibha kwenxeba

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

UPHUNYUKWE yithuba lokuvikela ibhande le-SA bantamweight umshayisibhakela waseKapa, uToto Helebe, okubhibhe inxeba lokugwazwa eseqale amalungiselelo empi.

UHelebe bekufanele avikele ibhande ngokuziqokela kuRoland Malindi empini obekuhlelwe ukuthi izoba ngoDisemba 10 e-East London. Nokho lokhu kuphazamisekile kulandela ukuthungwa kukaHelebe ohlangothini lakwesokudla abekade egwazwe kulona ngenyanga edlule.

Ngokuthola kweSolezwe, uHelebe ugwazwe ngabangani bakhe ayezama ukubalamula ngemuva kokuqubuka kwengxabano endlini yakhe. Abaphathi bakhe banqume ukuthi le ndaba ifihlwe, ingaphumeli kwabezindaba ngoba besabela ukuthi uMalindi uzokusebenzisa lokho ukuqeda ngaye.

Nokho kuphoqekile ukuthi kuvezwe emuva kokuthi inxeba livele labhibha eziqeqesha ngesonto eledlule, ugcine esephindiselwa esibhedlela nalapho ethungwe khona kabusha. Isehlo sokugwazwa kukaHelebe senzeke kusaphele izinyanga ezimbalwa kudlule emhlabeni omunye umshayisibhakela uSinethemba Magibisela obhokodwe ngommese khona eKapa.

UHelebe ugcine ukuvikela ibhande lakhe ngoJulayi ehlula uCebo Ngema waKwaZulu-Natal.

Imenenja yakhe uSinethemba Mandyoli ivumile ukuthi uHelebe ngeke esangena eringini kulo nyaka.

“Useyoze alwe ngonyaka ozayo. Okuhle ukuthi asinayo ingcindezi yokuvikela ibhande ngoba sigcine ngoJulayi. Kodwa akuvumi amukele isimo akusho. Siyazama ukumbonisa ukuthi asamukele njengoba sinjalo,” kusho uMandyoli.

Mayelana nokugwazwa kukaHelebe uthe: “UHelebe walimala ngenyanga edlule ekade elamula abangani bakhe belwa endlini yakhe. Sithathe isinqumo sokuyifihla ngoba sibona ukuthi kuzokonakala amaqhinga ethu. Besizitshela ukuthi konke kuzohamba kahle. Belikade selipholile inxeba, eseqalile nokuziqeqesha. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi uqale ukuzwa ubuhlungu nokuphoqe ukuthi simphindisele esibhedlela. Lokho kwenze sigcine siphumele obala ngakho konke okwenzekile.”

UHelebe uwine ibhande le-SA bantamweight ngo-2012 ehlula uPhumzile “Sweet Pea” Matyila e-East London. Ulivikele ngempumelelo kuNgema ngo-2014 njengoba esemphinda ngoJulayi. UHelebe ungomunye wompetha abebekade sebekhonjwe ngenjumbane yinhlangano eyengamele ezamankomane eNingizimu Afrika, iBoxing South Africa (BSA). Le nhlangano ibikade isisabise ngokumephuca ibhande uHelebe uma engalivikeli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.