UWilliams ufuna abaphesheya kwiBafana

Isolezwe - - EZEMIDLALO -

Hongyuan, ubephawula ngemuva kokuthi iBafana iphinde yehluleka ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezobanjelwa eRussia ngonyaka ozayo.

“Sinawo amaqembu azikhombisile ukuthi aqinile kuleli kodwa isipiliyoni sokudlala phesheya nezinga lakhona ngeke ukuthenge ndawo. Umdlali ogijima khona uvuthiwe kunogijima kuleli. Uma ungabalethi labo badlali uzoba nenkinga. Ungabathatha manje abadlali balapha uthi abaye phesheya, bazoxakeka ngoba izinga alifani. Ngidlalile phesheya ngiyayazi le nto engikhuluma ngayo. Bangawenza umehluko abadlale phesheya, siyadingeka isipiliyoni sabo.

“UPercy Tau ungumdlali omuhle onemijiko kodwa kwiSenegal bebemane bamsunduze kalula. Bengingathanda ukubona uDino Ndlovu enkundleni, udlalile kwiChampions League, unomzimba oqinile, ubezomelana nabo,” kusho uWilliams.

UNdlovu udlalela iQarabag yase-Azerbaijan.

UWilliams ubekhuluma nje umqeqeshi weBafana uStuart Baxter uzithole ebekelwa umbandela uThulani Serero odlalela iVitesse eHolland. Lo mdlali walile ukuza kwiBafana uma engasitholi isiqiniseko sokudlala.

Phambilini uBaxter umbize kwaze kwaba yikathathu kodwa egcina ngokuhlala ebhentshini.

USerero akusiyena ukuphela komdlali waphesheya ozithole encela ama-ayisi ngemuva kokubizelwa kwiBafana. Lokho kwenzekile kuKamohelo Mokotjo naye ogcine eduba ubuzwe bakuleli ngaphansi kukaEphraim Mashaba. UBaxter umbuyisile eqenjini njengoba esedlale kathathu ngaphansi kwakhe, ikowesibili weCape Verde, ikoweBurkina Faso nangempelasonto koweSenegal.

Omunye umdlali oyibamba phesheya onokuqala imidlalo ebhentshini ngu-Andile Jali odlalela iKV Oostende eBelgium.

Abanye abadlali beBafana abadlala phesheya eFrance, uBongani Zungu oyibamba kwi-Amiens SC noKeagan Dolly weMontpellier.

Iphuzu likaWilliams, uBaxter naye uzwakale eleseka njengoba ngempelasonto ecashunwe eveza ukuthi iNingizimu Afrika idinga abadlali abaningi abazoya phesheya ukuze ibe sezingeni lokuncintisana nezimbangi.

Uthe yize amaqembu akuleli elikhuphulile izinga emiqhudelwaneni yeCAF, kumele abadlali bakhuthazwe ngokuya kumaligi ase-Europe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.