Isethenjwa seCeltic siyilaxaza phansi

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

KUQAQAMBA inhliziyo esikhulwini seBloemfontein Celtic, uRali Ramabodu, ngomdlali oyisethenjwa saleli qembu obatshele emehlweni ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe nePhunya Sele Sele.

URamabodu utshele Isolezwe ukuthi kumzwisa ubuhlungu ukuthi uKabelo “Skipper” Mahlasela uqoke ukulaxaza iqembu ekubeni limthathe kungekho omfunayo, edlala kwiNational First Division (NFD). UMahlasela, oyithemba lomqeqeshi uVeselin Jelusic, ubedlala kwiRoyal Eagles ngesizini edlule ebolekiswe yi-Orlando Pirates akhulele kuyona.

Eminyakeni edlule uMahlasela usebenze noRamabodu kwiRoses yaseMpumalanga ebidlala kwiNFD. Ngaleso sikhathi uRamabodu ubeyimenenja yeqembu. Emasontweni edlule uMahlasela utshele leli phephandaba ukuthi isilala izintuli inkontileka entsha ayinikwe yiCeltic wathi ngeke ayisayine ngoba akasazimisele ukudlala kuyona ngesizini ka-2018/2019. Ngasekupheleni kwesizini edlule kuvele ukuthi uMahlasela ufunwa yiKaizer Chiefs.

“Kubuhlungu ukuthi useqoke ukungayisayini inkontileka entsha neqembu ngoba simthathe engafunwa muntu. Ungitshele ukuthi ufuna ukuyodlalela elinye lamaqebu aseGoli ngoba ufuna ukusondela ekhaya. Kodwa lokho angikuvumi ngoba usedlale iminyaka eminingi ngaphandle kwaseGoli,” kusho uRamabodu.

“Sengikwamukele ukuthi uyahamba njengoba sekuphele isikhathi eside engayisayini inkontileka esimnike yona. Maningi amaqembu amfunayo. Ngifisa ukuthi afike adlale lapho eya khona, angafani nabanye abadlali abasishiyile bafika baphenduka ukudla kwebhentshi emaqenjini abawajoyinile, abafana noLayle (Lakay odlala kwiCape Town City), Zuma (Dumisani okwiChiefs).”

ICeltic, okuphele isizini edlule ivika izembe, isayinise abadlali abasha abafike benza umehluko okukhona kubona uNdumiso Mabena obegijima kwiPlatinum Stars, Lucky Baloyi obeyibamba kwiChiefs, Jacky Motshegwa obebolekiswe yiPirates kwiBaroka, Sipho Jembula obekwiPolokwane City, Roggert Nyundu obewumgadli waMaZulu nabanye. Izogijimisana nePolokwane emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom Knockout ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngeSonto ntambama.

“Ngijabule ngendlela iqembu elidlala ngayo kodwa alikafiki lapho esifuna khona. Silakhela isizini ezayo lapho esifuna ukuwina khona indebe. Kule sizini besizibekele ukuqeda kwi-Top 8, singene kowandulela owamanqamu. Sesinomgomo omusha wokufinyelela kowamanqamu. Ngiyazi ukuthi iPolokwane yenza kahle kodwa sibakweleta injabulo abalandeli bethu,” kusho uRamabodu.

“Kudingeke sihlukane nemali eningi ukuze siqinise iqembu. Sidlulile emalini ebesikade sizibekele ukuthi sizoyikhipha kodwa bekufanele ukuze kujabule abalandeli bethu. Siyajabula ukuthi umqeqeshi usheshe wazinza eqenjini. Uyakwazi ukuphatha abadlali.”

Isithombe: BACKPAGEPIX

UKABELO Mahlasela weBloemfontein Celtic useqinisekise ukuthi uzolishiya iqembu ekupheleni kwesizini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.