Bakhala ngokuhola sekudlule isikhathi abeCosmos

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

LIBHEKENE nenkinga yemali iqembu lengwazi kanobhutshuzwayo uJomo Sono (osesithombeni) eligijima kwiNational First Division (NFD).

Isolezwe lithole lezi zindaba ngoNhlanhla Shabalala ongunobhala jikelele weSouth African Football Players’ Union (Safpu) ukuthi iJomo Cosmos ikweleta abadlali imali yemiholo.

“ICosmos ayibakhokheli abadlali bayo ngesikhathi. Ngenyanga edlule kunenqwaba yabadlali engazange ihole. Nakule nyanga imali ayizange ingene. UJomo ukhala ngokuthi kune-akhawunti yakhe enenkinga njengoba kunemali okumele ayithole eqhamuka phesheya kwezilwandle. Yinkinga lena ngoba abadlali babekelwa imigomo yokuthi baziphathe kahle enkundleni nangaphandle, baphinde babekelwe nomgomo wokuthi badle izinto ezinempilo ukuze babe sesimeni esihle kodwa awukho umgomo obekelwa amaqembu ahlulwa wukukhokhela abadlali,” kusho uShabalala.

Leli phephandaba lixoxe nomdlali weCosmos ngalesi simo ababhekene naso.

“Size sahola namuhla (esho izolo). Sonke besikade singaholile. UBra-J ubelokhu ekhala ngokuthi unenkinga no-SARS. Zonke izinsuku ubelokhu ethi sizoyithola kusasa. Ngokomthetho kumele sihole ngosuku lokugcina lokuphela kwenyanga kodwa lokho akwenzeki.

“Mina bengiqala ukungayitholi ngesikhathi. Abanye abadlali sekuphele izinyanga ezimbili bengaholi. Ngenyanga edlule kukhona abangazange bahole. Ngenhlanhla anginazo izindleko eziningi, izikweletu azingimisile kabi. Ukube nginezikweletu eziningi ngabe nginenkinga. Kodwa bakhona ozakwethu abasenkingeni,” kusho lo mdlali ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa.

UShabalala uphinde waveza nokuthi udaba bahlela ukulidlulisela kwabazolusukumela.

“Njengamanje sihlela ukuthi siludlulisele kwiPremier Soccer League Dispute Resolution Chamber lolu daba. Into ebisasibambile wukuthi abanye abadlali bayesaba ukuphumela obala ngoba bazohlukunyezwa.

“Ibuhlungu le nto ngoba abanye baqashile lapho behlala khona njengoba beqhamuka ezifundazweni ezahlukene. Bazochaza bathini kubanikazi bezindlu abaqashe kuzona ngalesi simo?

“Ngenyanga edlule abanye abadlali bebejinyiswa bodwa. Laba abangu-18 abaholile ngenyanga edlule bebejinyiswa uJomo Sono bese kuthi laba abangekho kwabangu-18 abaqala imidlalo bajime nephini likaSono, uGerald Mtshali.

“I-PSL kumele ingenelele kulolu daba. Maningi amaqembu enza lo mkhuba,” kusho uShabalala.

Imizamo yokuthola uSono ayizange iphumelele kwazise ucingo lwakhe luqale lwakhala lwangabanjwa. Leli phephandaba libe selimthumelela iSMS limbuza ngezinsolo abekwa zona. Ngemuva kwemizuzu emithathu ushayele intatheli kodwa ucingo lwakhe lwavele lwacima. Intatheli ithe isibuyela kuyena bese luvaliwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.