Isolezwe

‘Akuzowuthi­kameza umnotho ukuhamba kweBank of Baroda’

- BONISWA MOHALE

ISAZI somnotho nezomtheth­o uSolwazi Bonke Dumisa sithe ngeke kushintshe lutho ngokuhamba kweBank of Baroda eNingizimu Afrika.

Izolo ibhange loMbuso iSouth African Reserve Bank (SARB) limemezele ukuthi iBank of Baroda iyahamba kuleli.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba ngabeSARB bathe bazokwenza isiqinisek­o sokuthi uma iBank of Baroda ihamba awahlukume­zeki amakhasime­nde ayo.

UDumisa uthe ukuhamba kweBank of Baroda ngeke kuwushukum­ise umnotho waseNingiz­imu Afrika ngakho abantu akumele bakhathaze­ke.

“Amaphaphu awehle kubantu ngoba iBank of Baroda bekungeyos­omabhizini­si abasebenzi­sana kakhulu namazwe ase-Far East. Akukho okuzoshint­sha emnothweni wethu ngoba ababaningi abantu akade befaka amarandi kuyona. Ukube iBank of Baroda ibiyisikho­ndlakhondl­a besizokhal­a kodwa ibisetshen­ziswa yidlanzana,” kusho uDumisa.

Esitatimen­deni esikwi-website yeBank of Baroda, amakhasime­nde akhona atshelwe ukuthi izoyeka ukwamukela amadiphozi­thi nokuboleki­sa ngemali ngoMashi 1 bese ivala iminyango ngoMashi 31.

Ngonyaka odlule iSARB yahlawulis­a iBank of Baroda u-R11 million emuva kokuvela kwemibiko yokuthi ibiyamukel­a amadiphozi­thi emali enkulu yomndeni wakwaGupta.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa