Iminyaka engu-20 kowabulala ngesihluku

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

UGWETSHWE iminyaka engu-20 umlisa owadlwengula wabulala owesifazane waKwaNongoma owatholakala enqunywe intamo.

NgoMsombuluko, inkantolo yesifunda KwaNongoma igwebe uMboniseni Dlamini (32) ngecala lokudlwengula abulale uNksz Ntombizethu Simelane (24) waseKubuseni emuva kokumdlwengula ngoJanuwari nyakenye.

Kuthiwa uNksz Simelane wayesendlini ngesikhathi kufika uDlamini. Emuva kokuthi kube nengxabano uDlamini wadlwengula wagwaza uNksz Simelane. Isidumbu sakhe satholakala endlini ngoJanuwari 1 nyakenye sinamanxeba okugwazwa intamo inqunyiwe. Ummese okukholakala ukuthi wasetshenziselwa ukumbulala watholakala endaweni yesigameko.

Icala lokubulala lavulwa amaphoyisa aKwaNongoma kwaboshwa uDlamini wabekwa icala lokudlwengula nokubulala.

Obambe kwesokuba ngukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, usamukele isigwebo esinikwe uDlamini.

Uthe uDlamini wakhombisa ukungabi nazwelo ngesikhathi ehlasela umgilwa wamdlwengula wambulala ngesihluku.

ULanga uthe unethemba lokuthi lesi sigwebo sizothumela umyalezo nakwabanye abacabanga ukwenza okufanayo. Uthe amaphoyisa ngeke abe nazwelo kubantu abahlukumeza abesifazane nezingane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.