Kuphele amahlathi kowezimbuzi ‘zokwebiwa’

Isolezwe - - IZINDABA - NONTUTHUKO NGUBANE

KUHLWE emini kumshayeli obelayishe izimbuzi ezingu-30 ezintshontshiwe ezifake etekisini elidimile ethi uthwele abantu izolo.

Umsolwa oneminyaka engu37 uboshwe izolo esemgwaqweni uRichmond eMgungundlovu.

Uboshelwe amacala okweba imfuyo nokuzama ukubulala ngoba kuthiwa amaphoyisa abezama ukumisa itekisi adutshuliwe.

Okhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu, uSergeant Mthokozisi Ngobese, uthe amaphoyisa aseThornville ancinzwe ngabantshontsha imfuyo alandelela athola izimbuzi zilayishwe etekisini.

“Itekisi ibihamba abantu abathathu kukhishwe izihlalo zetekisi kwafakwa izimbuzi ezingu-30. Amaphoyisa amise itekisi adutshulwa abebephakathi. Umsolwa ulimale engalweni abanye ababili babaleka. Oboshiwe unecala lokuzama ukubulala nelokweba imfuyo. Umsolwa uzovela enkantolo ngoLwesine,” kusho uNgobese.

Abanye abasolwa ababalekile basathungathwa.UNgobese uthe sekujwayelekile ukuthi izigebengu zilayishe imfuyo etekisini zenze sengathi zilayishe abantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.