UPITSO UTHI UHUNT AKANAKE IQEMBU LAKHE

Isolezwe - - EZEMIDLALO -

UHLEKE waze waqhephuka uPotshoza efunda udaba olusephephandabeni elinguzakwabo weSolezwe lapho umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane etshele ngeziphansi umqeqeshi weBidvest Wits ukuthi akanake izindaba zakhe. UMosimane ubephawula ngemuva kokuthi uHunt ethe iqembu lakhe lizoba nesandla ekutheni siya ngakuphi isicoco seligi njengoba besazodlala neSundowns, Cape Town City ne-Orlando Pirates bonke abasembangweni. “Kukhona nalabo abaphansi kwi-log njengeWits abangaphazamisa amaqembu alwela isicoco. Kodwa lokho bazobe bengenzeli thina. Akekho umuntu onesikhiye sesicoco. Ungabalaleli abantu abathi bazocacisa ukuthi ngubani ozonqoba isicoco. Cha, uzilwela wena mngani wami. Lungisa iqembu lakho. Uma ungawini uzoshona phansi. Njengamanje akekho owenzela omunye ufefe. Wonke umuntu unento ayilwelayo,” kusho uMosimane. Ngesizini edlule iWits iwine isicoco seligi, iSundowns yalala isibili.

WILLARD KATSANDE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.