KUSHONE UMDLALI WE-POLOKWANE CITY

Isolezwe - - EZEMIDLALO -

LIPHINDE layigubuzela ifu elimnyama iPolokwane City ngoMsombuluko ebusuku ekhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi umdlali wayo wasemuva uMogau Tshehla ushone engozini yemoto.

Kuthiwa ingozi yenzeke ngeSonto ebusuku. UTshehla ugcine ukubonakala eyibambe enkundleni ngesonto eledlule ngesikhathi bedlala ne-Ubuntu Cape Town emdlalweni weNedbank Cup Last 32.

“Kusizwisa ubuhlungu ukunazisa ngokushona komdlali wasemuva uMogau Tshehla ngengozi yemoto. Sizwelana nomndeni wakhe, abangani nozakwabo eqenjini,” kusho isitatimende esikhishwe yiqembu ekhasini laso leTwitter ngoMsombuluko.

UPotshoza ubuye waziqinisekisa lezi zindaba izolo kokhulumela iqembu uVusi Mtimani.

“Sithole umbiko wamaphoyisa othi utholakale esemotweni eshonile. Ingozi yenzeke ngeSonto ebusuku kanti ubehamba yedwa. Sisakhuluma nomndeni ngeminini-ngwane yenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo,” kusho uMtimani.

Ubuye waqinisekisa ukuthi uTshehla ungumnewabo kaPercy Tau oyibamba kwiMamelodi Sundowns noDumisani Tau odlalela iRoyal Eagles edlala kwiNational First Division (NFD).

Eminye imibiko ibithi uTshehla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.