Livele enkantolo isoka lephoyisa ebelikade lidukile

Isolezwe - - IZINDABA - NONTUTHUKO NGUBANE

LIBHEKENE necala lokubulala isoka lephoyisa obekukade kubikwe ukuthi lidukile kodwa osekusolwa ukuthi lashiswa nemoto yalo ehlathini.

Ngeledlule amaphoyisa akhiphe isitatimende ngokuduka kukaConstable Senzeni Msipha (33) owagcinwa ngoJanuwari 31 ehamba ngemoto yakhe eya kogilosa.

Kuboshwe amadoda amabili ngoLwesibili emuva kokuba imoto yephoyisa itholwe eNyoni ivutha kukhona nomuntu ngaphakathi.

Yize kungakaqinisekiswa ngolibofuzo ukuthi umuntu owasemotweni nguConstable Msipha kodwa uphenyo luholele ekuboshweni kukayise wengane yalo oneminyaka ewu-35 nendoda (32) okusolwa ukuthi yinkabi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. Colonel Thulani Zwane, uthe:

“Abasolwa ababili, oneminyaka ewu-32 no-35 bavele

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.