Kuboshwe noMamgo kwelithinta noMabuyakhulu

Isolezwe - - IZINDABA - BERNADETTE WOLHUTER

SEKUBOSHWE abanye ababili ecaleni leNorth Sea Jazz Festival, njengoba kuvele enkantolo owayengumsakazi weGagasi FM, uNothando “Mamgo” Zungu nomunye umsolwa.

Izolo uMamgo obhekene necala lenkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali udedelwe ngebheyili kaR30 000.

UMamgo ukuleli cala noMnuz Mike Mabuyakhulu onguMgqugquzeli we-ANC ohlakeni lwesikhashana lwe-ANC KwaZuluNatal.

Amacala enkohlakalo, awokukhwabanisa nawokushushumbisa imali alandela ukuvela kokuthi uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal owawuphethwe wuMabuyakhulu wakhipha uR28 million wokwenza umcimbi iNorth Sea Jazz Festival ngo-2012.

Lo mcimbi awuzange ube khona kodwa imali yafakwa kuma-akhawunti osomabhizinisi nosopolitiki. Icala lizobuyela enkantolo ngo-Ephreli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.