Inhlawulo kaR50 000 kolahlwe elokucwasa

Isolezwe - - IZINDABA - BONISWA MOHALE

UHLAWULISWE uR50 000 umnikazi wendawo ehlala izivakashi iSodwana Bay Guest House, uMnuz Andre Slade (54), olahlwe yicala lokucwasa nentombi yakhe uNksz Katerina Krizaniova (28).

Icala belifakwe nguMnuz Andrew Zaloumis owayeyisikhulu saseSimangaliso Wetland Park noMnyango wezokuVakasha kuzwelonke enkantolo yasoBombo.

USlade noNksz Krizaniova bazakhela isigcwagcwa ngo-2016 ngesikhathi uSlade enqaba ukwamukela abantu abamnyama endaweni yakhe ehlala izivakashi.

Waveza ukuthi ngokomthetho kaNkulunkulu abamnyama abalingani nabamhlophe ngakho ngeke abamukele endaweni yakhe.

NgoLwesibili iMantshi yasoBombo, uMnuz Tamo Moodley, iyalele uSlade ukuthi akhokhe uR50 000 ngokuhlanganyela nentombi kungakapheli izinsuku ezingu-60.

Le mali izonikelelwa inhlangano esiza umphakathi eMtubatuba, iMpilonhle.

UMoodley uthe uSlade ulahlwe yicala lokucwasa ngokwesigaba sesishiyagalolunye soMthethosisekelo, walahlwa yisigaba sesithupha nesesikhombisa ngakho ukucwasa, walahlwa nayisigaba-10 sokukhuluma inkulumo enenzondo nokwehlisa isithunzi sabantu.

Uyalele uSlade ukuthi axolise ngesenzo sakhe sokucwasa abantu futhi aqinisekise ukuthi akaphinde acwase abantu abamnyama, abasebenzi bakahulumeni nabanye abantu ngenxa yebala labo.

UMoodley uphinde wathi uSlade kufanele asuse imibhalo ecwasayo kwi-website yenkampani yakhe.

Uphinde wavala izincwadi zikaSlade ezintathu wathi ngeke zisafundwa noma zidayiswe eNingizimu Afrika ngenxa yokucwasa kwemibhalo yazo.

OZaloumis naboMnyango wezokuVakasha bebemelwe ngabameli beSouth African Human Rights Commission oNksz Pavershree Padayachee noNksz Thandeka Magwenyane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.