Kushone oyedwa kweyeloli

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

KUSHONE umuntu oyedwa kwalimala abanye abane ngesikhathi iloli abebehamba ngayo ishayisa iyophoseka onqenqemeni lomgwaqo eKlaarwater ngasePinetown, ngoLwesibili ntambama.

Abezimo eziphuthumayo kwa-ER24 bathi ngesikhathi befika endaweni yesehlo ngabo-6 ntambama bese kuvele kunabezimo eziphuthumayo benye inkampani.

Ngesikhathi behlola abalimele bathole ukuthi omunye wabebeselolini usevele ushonile. Abanye abane kuvela ukuthi bebelimele.

Okhulumela abakwa-ER24, uNkk Ineke van Huyssteen uthe ababili kulaba abane abebelimele bebevaleleke elolini besesimeni esibucayi. Uthe izicishamlilo zikwazile ukutakula laba ababili. Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.

Khona manjalo kulimale owesifazane oneminyaka elinganiselwa kwengu-23 okuthiwa ushayiswe yisitimela esiteshini saseWinklespruit, eManzimtoti, izolo.

Okhulumela abakwa-ER24 uNksz Annine Siddall uthe lesi sigameko senzeke kuyoshaya u-9 ekuseni izolo.

Uthi bafice owesifazane elele edamini elincane lamanzi eliseduze kukajantshi.

Lo wesifazane kuthiwa ulimale emlenzeni.

UNksz Siddall uthe lo wesifazane uphuthunyiswe esibhedlela ePrince Mshiyeni Hospital.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.