Isigwebo kumshayeli owabulala

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

UGWETSHWE iminyaka engu15 ebhadla ejele umshayeli weloli olahlwe yicala lokubulala eNewcastle.

UDumisani Petros Mkhwanazi (42) ugwetshwe yiNkankolo yeMantshi eNewcastle ngecala elenzeka ngo-2016.

Ngokwesitatimende samaphoyisa esithunyelwe abezindaba, uMkhwanazi washayisana nomunye umshayeli wemoto encane ngo-Okthoba 16, 2016 emgwaqweni uFaraday eNewcastle.

Bobabili abashayeli baxabana bebanga ukuthi ubani odale ingozi.

Umufi, uMnuz Sifiso Sithole (32), kuthiwa wayezihambela eceleni komgwaqo wangenelela engxabanweni yabashayeli watshela umshayeli weloli ukuthi uyena odale ingozi.

Umshayeli weloli kuthiwa wakhipha isibhamu wamdubula. Amaphoyisa aseNewcastle avula icala lokubulala. UMkhwanazi waboshwa endaweni yesigameko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.