Yindlala yezimpi eKZN emyisa eGoli

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

USEFUDUKELE eGauteng ukuyofuna amadlelo aluhlaza umshayisibhakela waKwaZulu-Natal, u-Innocent “Tycoon” Mantengu, obekubhekwe ukuthi avikele ibhande le-International Boxing Federation (IBF) Continental Africa Super Bantamweight phambi kwabalandeli bakhe.

UMantengu (27) waseMtubatuba, ungomunye wabashayisibhakela obekubhekwe ukuthi baqhakaze eKZN kodwa indlala yezimpi igcine imphoqile ukuthi athuthele eGauteng. Ulandela ezinyathelweni zabanye abashayisibhakela abanqume ukuyozama impilo eGoli okukhona kubona umpetha we-International Boxing Organisation (IBO) flyweight, uMoruti “Babyface” Mthalane noThabiso “The Rock” Mchunu waseCato Ridge.

UMantengu ufulathele isitebele i-Ethekwini Boxing Gym abekade eqeqeshwa kuyona nguZwilenkosi Magudulela. Useqeqeshwa nguSam Ndlovu waseMtubatuba eJabulani, eSoweto. Izimpi zakhe zizohlelwa yiTK Promotions. Ejimini kaNdlovu, uMantengu unompetha wesifazane we-SA female middleweight, uMapule Ngubane noCleutus Mbele amehlula ngamaphuzu ngo-2013.

UMantengu, oneziqu zobuthishela, utshele leli phephandaba ngesikhathi limvakashele ejimini yakhe etsha, ukuthi akananxa nobenguphromotha wakhe uThulani Magudulela ongumphathi weLudonga Boxing Promotions.

“Ngihambe kahle eLudonga, ayikho ingxabano equbukile phakathi kwami nabaphathi. Ngifonele uZwi ngamtshela ukuthi sengilapha eGoli ngizozama impilo khona. Akabanga nankinga, ngafonela noMagudulela ngamtshela. Ungiphendule ngokuthi ubenezinhlelo zokuthi ngivikele ibhande lami ngo-Ephreli kodwa bengikade sengisithathile isinqumo,” kusho uMantengu.

“Umuntu uyakhula. Kufanele ahlele izinto empilweni. Ngaphandle kokuthi ngisafuna ukuwina izicoco esibhakeleni kodwa ngifuna nomsebenzi lona engiwufundele. Ngicabanga ukuthi ukuba lapha kuzongisiza kakhulu.

UMantengu (11-4-0) ugcine ukungena eringini ngoMeyi nyakenye ngesikhathi ewina ibhande le-IBF ehlula uSiphosethu Mvula ngamaphuzu. Ngaphambi kwalokho ubekade ekhale ngaphansi ngamaphuzu kuLudumo “9mm” Lamati waseEastern Cape empini yebhande le-African Boxing Union (ABU) Super Bantamweight.

UMantengu nguyena kuphela umshayisibhakela waseKZN owabamba iqhaza emqhudelwaneni iPremier Boxing League (PBL) eyayihlelwe nguDicksy Ngqula ngo-2015 eyalandelwa yizinkinga zokungakhokhelwa kwamabhokisa.

“Ngisamfuna uLamati. Ngalwa naye impi ngingayilungele ngokuphelele. Ngiyomehlula noma yinini,” kusho uMantengu.

“Ngibonga iLudonga ngakho konke engenzele khona esibhakeleni kusukela ngifika kuyona ngo-2009. Ngigcine ngiwine ibhande ngaphansi kwayo.”

Isithombe: ZAKHELE XABA

USAM Ndlovu (kwesokunxele), ongumqeqeshi wezamankomane, emi nomshayisibhakela asezomcija u-Innocent Mantengu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.