‘Akufanele siyifake ekhanda eyemiphumela emihle’

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

UNOZINTI waMaZulu, uSiyabonga Mbatha, uxwayisa ozakwabo ukuthi bangayifaki ekhanda indaba yokuthi iqembu labo selidlale imidlalo emihlanu ilandelana kwi-Absa Premiership lingadliwa uma sebedudulana neMaritzburg United kusasa ngo-8 ebusuku, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

Usuthu seludlale imidlalo emihlanu kwiligi lungadliwa. Luthele othulini iLamontville Golden Arrows, SuperSport United (kabili) lwase ludlala ngokulingana nePolokwane City neBloemfontein Celtic.

Liphinde laqumba phansi Umthatha Bucks ngo 3-0 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup.

“Into esishayile ekuqaleni kwesizini wukuthi umqeqeshi ufike sekuhambe isikhathi. Ufike sekusele amasonto kuqale isizini. Lokhu kwenze sangena sekudlule isikhathi egiyeni. Njengamanje sesiyayiqonda indlela afuna sidlale ngayo. Yingakho sesiqala ukuthola imiphumela emihle.

“Nokho akumele siyifake ekhanda eyemiphumela emihle ngoba asikasuki ezembeni. Yebo sihlezi endaweni yesishiyagalombili kodwa uma ubheka isibalo sethu samaphuzu bese usiqhathanisa namaqembu azama ukubalekela izembe, uzobona ukuthi umehluko mncane. Uma singakwazi ukuthola amaphuzu amathathu kwiMaritzburg ngicabanga ukuthi siyobe sesilibalekele izembe,” kusho uMbatha.

Usuthu luhlezi endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu awu-26 emidlalweni ewu-20 yeligi. Ngakolunye uhlangothi iTeam of Choice isiqoqe amaphuzu awu-28 emidlalweni efanayo. Njengamanje ihlezi endaweni yesithupha.

“Umdlalo weMaritzburg ngeke ube lula. Uma idlala ekhaya idonsa izinkumbi zabalandeli. Okwesibili idlala kahle futhi ayishayeki kakhulu ekhaya. Okwesithathu izokhuthazwa wukuthi idlala umdlalo womkhaya. Impi siyilindele ngoba siyazi ukuthi amaphuzu amathathu akusho ukuthini kulo mdlalo,” kusho uMbatha.

Lo nozinti, odabuka eMlaza, uke wadlala imidlalo emine ilandelana engadedeli ngisho nelilodwa igoli kweyeligi.

“Ukusebenza ngokuzikhandla nokubambisana yikona okwenze ngibukeke sengathi ngenza kahle. Into ebalulekile wukuthi uma ungadlali ungapheli amandla kodwa weseke osuke edlala ngaleso sikhathi. Phezu kwalokho kumele usebenze kanzima ukuze elakho ithuba lizofika ulilungele,” kusho uMbatha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.