Abalandeli beChiefs ethubeni lenjabulo

Isolezwe - - EZEMIDLALO - LUNGILE MAJOKA

we-Absa Premiership ezowugijima neCape Town City. Umdlalo usekhaya laMakhosi, eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo8.15 ebusuku. Uma iChiefs inqoba lapha ngeke basolwe abalandeli bayo uma liqina ithemba ngamathuba abanawo okudla isicoco seligi osekuneminyaka basigcina.

Empeleni kwanto nje eyisicoco eNaturena ayaziwa kula masizini amabili agcwele asehlalwe umqeqeshi uSteve Komphela. Amakhosi eza kulo mdlalo omqoka eshayela phezulu kwazise ngempelasonto enze into angayijwayele kule sizini evalela amagoli amathathu emdlalweni owodwa.

Abhuquzise iLamontville Golden Arrows ngo 3-0 koweNedbank Cup Last 32, okungelinye ithuba lesicoco uma beqhubekela phambili kulo mqhudelwano osekusele amaqembu angu-16 kuwona azoqhathwa kusihlwa.

Okuhle ngomdlalo weCity wukuthi la maqembu yiwona kuphela kulawo abanga iligi adlalayo kule mpelasonto.

Ozonqoba lapha uzosondela kwiSundowns ezihola phambili kwilog.

ISundowns, ngesizini edlule ededele isicoco emidlalweni emithathu yokugcina idlala ngokulingana kweminye imidlalo emqoka, iqhwakele ngamaphuzu angu-38. IChiefs neCity banamaphuzu angu-31.

Endaweni yesibili kuhleli i-Orlando Pirates enamaphuzu angu-33, elandelwa yiFree State Stars enangu-32. La maqembu wona awadlali ngale mpelasonto azoze abuyele enkundleni ngesonto elizayo.

Umzuliswano wokuqala phakathi kweChiefs neCity, unqotshwe ezikaKomphela ngo 2-0. Kulo mdlalo amagoli ashaywa nguWiseman Meyiwa okwakuwumdlalo wakhe wokuqala noSiphiwe Tshabalala.

UMeyiwa, oyibamba esiswini kungenzeka aphinde aboshelwa emdlalweni weCity ngemuva kokulimala kukaWillard Katsande ngempelasonto.

Udokotela weChiefs udalule ukuthi uKatsande uzohlinzwa ngemuva kokushayeka kabi ebusweni.

UKomphela kufanele ukuthi uzothembela ekutheni uma uKatsande engabuyi, okungenani uGeorge Maluleka yena uyalulama.

“Sethemba ukuthi uMaluleka noGustavo Paez bazoziqeqesha ngokugcwele neqembu kuleli sonto. UMaluleka ubethinteke esiphangeni kanti uPaez unenkinga yokudonseka komsipha,” kusho udokotela weChiefs, uDave Milner kwi-website yeqembu ngoLwesibili.

Ngasohlangothini lweCity ephekwa uBenni McCarthy lo mqeqeshi uzobe esebuyile ebhentshini ngemuva kwesigwebo samakhadi abomvu. Kowokugcina engekho kwiligi badliwe yiSundowns. Ngemuva kwalowo mphumela iphini likaMcCarthy, uVasili Manousakis, lathi sebephumile embangweni wesicoco seligi.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.