OweKings nomgomo wokuqoqa

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weReal Kings uSimo Dladla usezibekele umgomo wokuqoqa amaphuzu angu-22 emidlalweni engu-10 esele yeNational First Division (NFD) kule sizini ka-2017/2018.

NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama iKings izoshukana neRichards Bay FC kowabakhaya eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Kulo mdlalo kuzobe kunandisa uZodwa Wabantu wodumo lwemidanso yokutshikizisa isinqa ezindaweni zobumnandi. I-Kings ihlezi endaweni yesithathu kwilog yeNFD kanti iBay iyibambe endaweni ka-12 kwi-log.

“Ngicabanga ukuthi uma sikwazi ukufeza isifiso sethu sokuqoqa amaphuzu angu22 noma kanjani sizokwazi ukuqeda sibalwa namaqembu amathathu phezulu kwi-log. Ekhaya sinemidlalo eyisithupha esizimisele ngokuyinqoba yonke. Ngomzuliswano wokuqala silahle inqwaba yamaphuzu ekhaya sidlala ngokulingana. Imidlalo eminingi siyinqobe ekuhambeni,” kusho uDladla.

Kule midlalo eyisithupha yasekhaya iKings izodlala neRichards Bay FC, Royal Eagles, Black Leopards, Mbombela United, University of Pretoria neCape Town All Stars. Ekuhambeni izodudulana neStellenbosch, Ubuntu Cape Town, Tshakhuma Tsha Madzivhandila neMthatha Bucks.

“Umdlalo weRichards Bay FC ngumdlalo ongeke ube lula neze. Ngumdlalo ozoba nzima kakhulu ngoba nabo bawalambele amaphuzu amathathu njengoba befuna ukusuka kule ndawo abahlezi kuyona kwi-log. Bonke abadlali bayimiqemane futhi akekho ozobe edonsa isigwebo samakhadi.

“Ikhefu lemidlalo yeNedbank Cup libasizile ngoba babuye bekhuthazekile ngemuva kwemiphumela emibili edlule lapho silahle khona amaphuzu. Ngeke kube lula kodwa ngisho ngishilo awukho umdlalo wasekhaya asizimisele ngokulahla kuwona amaphuzu,” kusho uDladla.

I-Kings isanda kulahlekelwa nguMondli Miya ojoyine iPolokwane City, uLuckyboy Mokoena osegijima kwiHighland Park noSiphesihle Nzimande oseyibamba kwiJomo Cosmos.

“Ukuhamba kukaMiya (Mondli) kusiphazamisile ngoba ubakha amagoli aphinde asishayele wona. USikhumbuzo Mazibuko ovale indawo yakhe, useqophelweni eliphezulu kodwa udinga simnike isikhathi. Uyabona ukuthi kade engadlali isikhathi eside. Nokho uMiya simkhulule ngezinhliziyo ezimhlophe,” kusho uDladla. Imidlalo yeNFD: Kusasa: Cape Town All Stars v Tshakhuma Tsha Madzivhandila (Parow Park, 3.30pm)

NgoMgqibelo: Royal Eagles v Uthongathi FC (Harry Gwala Stadium, 3.30pm); Real Kings v Richards Bay (King Zwelithini Stadium, 3.30pm); Mthatha Bucks v Pretoria University FC (Mthatha Stadium, 3.30pm); Black Leopards v Mbombela United (Thohoyandou Stadium, 3.30pm)

NgeSonto: Stellenbosch v Ubuntu Cape Town (Parow Park, 3.30pm); Jomo Cosmos v Highlands Park (Vosloorus Stadium, 3.30pm); Super Eagles v Witbank Spurs

USIMO Dladla oqeqesha iReal Kings unethemba lokuqoqa amaphuzu enele kule midlalo eyishumi esele yeligi Isithombe: BACKPAGEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.