Ukholwa wukuthi iBucs isengaqhwakela

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

OWAYENGUMGADLI we-Orlando Pirates, uRudzani Ramudzuli, ukholwa wukuthi leli qembu lisengayiphuca iqatha emlonyeni iMamelodi Sundowns, liwine isicoco se-Absa Premiership ngesizini yokuqala yomqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic.

URamudzuli udlalele iPirates phakathi kuka-2007 no-2009. Uphanyeke amakhokho emgibeni ngo-2010 eseyibamba kwiSuperSport United.

Ungomunye wabadlali abasayine kwiPirates kubhekwe lukhulu kubona eminyakeni edlule kodwa behluleka ukuzakhela igama.

Ubengomunye wabenza izifundo zokuqeqesha iD Licence, ohlelweni lweSAB League Coaching Course, eHigh Perfomance Centre, ePitoli, izolo.

EZimnyama zisendaweni yesibili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-33. Zisele ngayisihlanu kwiSundowns

“Ngisayilandela iPirates futhi ngisayithanda. Ebholeni konke kungenzeka, kuncike emiphumeleni. Kodwa kufanele bagxilise imiqondo yabo kweyabo imidlalo. Basenalo ithuba lokuyidlula iSundowns. Lapha sikhuluma ngamaphuzu ayisihlanu. Uma bewina emibili, iSundowns, ishibilika, sizobe sesikhuluma okunye,” kusho uRamudzuli.

“Ngisajabule ngendlela abadlala ngayo nomqeqeshi ofike wabashintshanisa abadlali ngoba kumayelana nokuthi wenzani enkundleni. Njengomdlali ukuthi wenze kahle emdlalweni odlule akusebenzi. Lokhu kuyinto enhle eqenjini elinabadlali abasebancane njengePirates. Uma abadlali abasebancane ungabashintshanisi bayajwayela bagcine sebezibona bephezulu. Uma ungazinikeli uyazi ukuthi kukhona ongangena adlale endaweni yakho. Yilokho okwenza badlale kahle ngale ndlela.”

UMicho ubelokhu elishumayela ivangeli lokuthi kufanele bazibheke bona kunokuqalaza okwenzeka “kwamakhelwane”. Ngesonto eledlule uthe sesidlulile isikhathi sokuthi basabeka isisekelo kodwa sekufanele bakhombise ukuthi bayiqembu elikhulu.

URamudzuli uqeqesha kwiDSD Academy nakwiSAB League ePitoli.

“Okwamanje ngisabekelela kulokhu enginakho. Uma izinto zihamba kahle ngifuna ukuqeqesha kwiPSL (Premier Soccer League) eminyakeni eyisihlanu ezayo. Ngidinga ukuqeqesha ezingeni eliphezulu,” kuphetha uRamudzuli. IPirates ayinawo umdlalo kule mpelasonto. Imidlalo ye-Absa Premiership: Kusasa: Maritzburg United v AmaZulu FC (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibelo: Golden Arrows v Bidvest Wits (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Baroka FC v Chippa United (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Cape Town City FC (FNB Stadium, 8.15pm)

Isithombe: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ufike noshitsho eqenjini selokhu kuqale isizini

RUDZANI RAMUDZULI

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.