USemenya uzozama ukuphula irekhodi

Isolezwe - - EZEMIDLALO - LUNGILE MAJOKA

UMPETHA womhlaba kwi-800m, uCaster Semenya, usethembise ukuzama ukwephula irekhodi laseNingizimu Afrika lika-1000m eselihlale iminyaka ewu-34 uma esegijima kwi-Athletix Grand Prix ePitoli ngenyanga ezayo.

Umlenze weGrand Prix uzoba seTuks Stadium ngoMashi 8. Irekhodi laleli banga elingajwayelekile uSemenya azobe eqala ukuligijima, laqoshwa nguIlse de Kock Wikcsell ngo-1983 eqopha u-2:37:2.

“Ukuziqeqesha kwami kuhamba kahle kakhulu, ngizizwa ngiwumqemane. Uma isimo sezulu sivuma ngizobona ukuthi ngingasondela yini erekhodini. Konke kuzoncika ekutheni umjaho ushesha kangakanani. Uma isikhathi sikhona ngizozama ukulijaha,” kusho uSemenya esitatimendeni esithunyelwe yi-Athletics South Africa (ASA).

USemenya nyakenye umangaze abaningi emela elakuleli kwi-1500m kwi-IAAF World Championship okuyibanga angalijwayele ezingeni lomhlaba. Ufike wabuya nethusi phezu kwegolide alithole kwi-800m aziwa ngawo.

U-1 500m uzowugijima emlenzeni wasePaarl weGrand Prix ngoMashi 22.

Amathikithi emijahweni ayatholakala ezinkundleni, abiza phakathi kuka-R50 kuya ku-R100.

Uchungechunge lwemijaho luheha nabanye abagijimi bangaphandle abaphambili.

Umgijimi wase-Uganda, uJoshua Cheptegei, uzoyibamba kwi-1 500m emlenzeni waseGoli ngoMashi 1 bese egijima nasePitoli. UCheptegei akalona ivukana, ubuye nesiliva kwi-10 000m kumaWorld Championship eLondon nyakenye. Ukhethe ukugijima ibanga elifushane kulokhu ngoba efuna ukwakha ijubane elizomsiza uma esegijima u-5 000m nakwi-10 000m.

UJustin Gatlin wase-USA naye ungomunye wasebemenyezelwe ukuthi uzoza kuleli. Lo mpetha womhlaba kwi-100m uzoyibamba kwi-150m eTuks Stadium.

Umengameli we-ASA, u-Aleck Sikhosana, uthe: “Sisazomemezela abanye abagijimi abaphuma emazweni angaphandle. Ziningi izicelo esizitholayo.”

CASTER SEMENYA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.