IBay yandise awaseKZN kwiNedbank Cup

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE EseMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay

Ngomzuzu ka-21 uMadondo ushaye ingcwenga ye-free kick ngemuva kokuwiswa nguThemba Tonisi eduze kwebhokisi. Ngemuva kwemizuzu emithathu kungene igoli uGumede uhudule izitobha zeTigers wase edonsa imbumbulu yeshodi uDanile Kanono ayizwe ngendaba ezintini.

I-Bay ibizenzela kulo mdlalo. Nabalandeli bayo bebekusho kugcwale umlomo ukuthi iqembu labo lizolula imisipha ngawo. UGumede ubeyiphela endlebeni ezitobheni zeTigers ebuya ephindelela.

Ngomzuzu ka-29 iTigers yenze ushintsho lokuqala ikhipha uThuso Tsomela obeyibamba enkabeni yenkundla indawo yakhe yathathwa nguTheophalus Rapulane.

Njengejwayelo abalandeli beBay bebephume ngezinkani ukuzokweseka iqembu labo. Cishe yazithola isisenkingeni iBay ngesikhathi inika uPule Motsetse isikhala sokuthi aphenduke ebhokisini kodwa uXolani Ngcobo wasebenza echitha leli bhola ebeliyingozi.

USentsho wenze isiqiniseko iBay idlulela phambili ngesikhathi eshaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-66. UGumede uvalela elesine ngomzuzu ka-87. Iphenathi idaleke kade kushaywa uShozi ebhokisini. I-Bay ayizange igcine lapho kwazise uNkoana uvalele enethini elesihlanu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.