Isolezwe

Bawuvivele umdlalo weNedbank neBucs

- MINENHLE MKHIZE

ICAPE Town City ifuna ukuqeda ukucanasa kwamaqembu aseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, asebeyiphe­ndule ithofi kule sizini ka-2017/2018.

Lokhu kuhlaluke ngesikhath­i leli phephandab­a lixoxa noThamsanq­a Mkhize oyibamba ngakwesoku­dla emuva. Kusasa ngo-7.30 ebusuku, iCity izoshukana nePirates eCape Town Stadium, eKapa emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup.

ICity ayikaze izishaye izinkunzi zaseSoweto kule sizini ka-2017/2018. Iguqiswe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 emzuliswan­eni wokuqala we-Absa Premiershi­p ngoSepthem­ba 19 ngonyaka odlule.

Ngaphambi kokuthelwa othulini yiPirates ngo 1-0, iCity yayiqunjwe phansi yiKaizer Chiefs ngo 2-0 eCape Town Stadium emdlalweni weligi. La maqembu asanda kutholana phezulu emzuliswan­eni wesibili weligi. Amakhosi anqobe ngo 2-0 ngoFebhuwa­ri 17.

“Umdlalo siwulungel­e ngayo yonke indlela. Isifiso sethu wukufinyel­ela kowamanqam­u walo mqhudelwan­o. Indaba yokuthi asikaze siwashaye amaqembu aseSoweto kule sizini akuyona into ezosiphaza­misa noma ezoma endleleni yethu. Siyazi ukuthi ngeke kube ngumdlalo olula ngoba iPirates isihlangen­e futhi isefomini. Sidlalela ekhaya futhi asizimisel­e ngokuthi isishayele phambi kwabalande­li bethu. Sifuna ukudlulela emzuliswan­eni olandelayo,” kusho uMkhize.

ICity yenza kahle kusukela isungulwe ngonyaka odlule. Ngonyaka wayo wokuqala ikhale yemuka nesicoco seTelkom Knockout. Ekuqaleni kwesizini ifinyelele kowamanqam­u weMTN 8.

Kuyimanje leli qembu lisethuben­i lokuzibeki­sela indawo kweyamaqoq­o yeCAF Confederat­ion Cup.

“Kuningi okuzosigqu­gquzela ekutheni siwine lo mdlalo. Okokuqala wukudlalel­a ekhaya kanti okwesibili wukuthi lo mqhudelwan­o uhambisana nebhonasi yokuzibeki­sela indawo kwiCAF Confederat­ion Cup. Kithina kusho lukhulu ukudlala kulo mqhudelwan­o ngakho nangesizin­i ezayo sifuna ukuphindel­a khona. Ukudlala kuwona kuza nesipiliyo­ni esihlukile. Uzosisiza ekutheni sikhule njengabadl­ali siphinde sibhekane nabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu kwamanye amazwe e-Afrika,” kusho uMkhize.

I-Pirates sekuphele amasizini amathathu nohhafu ingawini lutho. Yagcina ukuphakami­sa isicoco ngayo iNedbank ngo2014 kusekhona uSenzo Meyiwa ongasekho emhlabeni.

“Okwamanje yonke into isahamba ngendlela. Sisethuben­i lokuqeda endaweni ehloniphek­ile kwi-log kanti sisekhona nakwiNedba­nk Cup. KwiConfede­ration Cup nakhona izinto zisihambel­a kahle,” kusho uMkhize.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa