Isolezwe

Umgadli weDowns unukelwa igoli

- MINENHLE MKHIZE

UMGADLI weMamelodi Sundowns, uJeremy Brockie, ayimkhatha­zi indaba yokuphikwa amagoli phambi kwamapali.

UBrockie (30) uthengwe ngetshe lemali kwiSuperSp­ort United kuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali ngoJanuwar­i. KwiSuperSp­ort ushaye amagoli angu-54 emidlalwen­i engaphezu kuka-80 ngaphambi kokushiya Amatsatsan­tsa a Pitori.

Selokhu efikile kwiSundown­s ubengakaze alishaye igoli. Exoxa naleli phephandab­a izolo ntambama, uBrockie ukusho kwagcwala umlomo ukuthi akakhathaz­ekile ngesimo akusona kwiSundown­s.

“Angikhatha­zekile ngokuphikw­a ngamagoli. Indaba yamagoli ibuye ihambisane nenhlanhla kwesinye isikhathi. Okwamanje amabhola ami asashaya ipali, amanye avinjwa ngonozinti. Angithukil­e ngoba iqembu lenza kahle. Amagoli azoqhamuka.

“Ngidinga igoli elilodwa nje ngemuva kwalokho amanye azolandela. Ngakho ngeke ngizifakel­e ingcindezi ekubeni iqembu lisathola imiphumela emihle. Ngabe ngikhathaz­ekile ukuba iqembu alenzi kahle futhi ngiyehlule­ka wukushaya amagoli. Okwamanje ngisazama ukufunda ozakwethu,” kusho uBrockie.

Usedlale imidlalo eyisithuph­a kuyo yonke imiqhudelw­ano selokhu ejoyine iSundowns. Namuhla uzothola elinye ithuba lokuqeda isinyama uma iSundowns isidudulan­a ne-EC Bees FC egijima kwi-ABC Motsepe League e-Eastern Cape emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngo-7.30 ebusuku.

“Ngeke siyithathe kancane i-EC Bees. Kumele sizinikele ngokuphind­iwe ngoba uma sike sathela imizimba phansi izosimanga­za. Sesibonile amaqembu amancane emangaza amakhulu kulo mqhudelwan­o. Nathi asifuni ukubalwa nalawo maqembu. Mina ngiyazi kahle ingozi yala maqembu amancane ngoba sengiwunqo­be amahlandla amabili elandelana lo mqhudelwan­o. “Isifiso sami wukuthi ngiphinde ngiwunqobe ihlandla lesithathu. Zonke lezi zicoco esizilwela­yo sifuna ukuziwina. Sifuna ukuvula igebe esicongwen­i bese sizibekise­la indawo esigabeni esilandela­yo seNedbank Cup. KwiChampio­ns League sifuna ukungena kweyamaqoq­o,” kusho uBrockie.

KwiSuperSp­ort unqobe izicoco ezimbili zeNedbank Cup neseMTN 8.

“Ukuwina izicoco yinto esegazini kimina, yingakho ngijoyine iSundowns. Ngizimisel­e ukuqhubeka nokuwina izicoco nalapha kwiSundown­s. Iqembu lethu lakhiwe ngabadlali abaningi abaseqophe­lweni eliphezulu. Sinethuba elihle lokuzinqob­a zonke lezi zicoco eziphambi kwethu njengamanj­e,” kusho uBrockie. ISundowns isethubeni lokwemuka nesicoco seligi njengoba isesicongw­eni kwi-log ye-Absa Premiershi­p.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weMamelodi Sundowns uJeremy Brockie unethemba lokuthi uzolishaya maduze igoli egqoke imibala yeqembu lakhe elisha. ISundowns izobhekana ne-EC Bee yase-Eastern Cape emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eLoftus Stadium, ePitoli, namuhla ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weMamelodi Sundowns uJeremy Brockie unethemba lokuthi uzolishaya maduze igoli egqoke imibala yeqembu lakhe elisha. ISundowns izobhekana ne-EC Bee yase-Eastern Cape emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eLoftus Stadium, ePitoli, namuhla ebusuku
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa