Uzovala esika-Anele kwi-Real Talk

Isolezwe - - IZINDABA - NOKUBONGWA PHENYANE

SIZOVALWA u-Azania Mosaka (osesithombeni) weRadio 702 isikhala sikaAnele Mdoda ohlelweni iReal Talk, kuSABC 3, njengoba esazoke anyamalale isikhashana kulolu hlelo.

AbakwaSABC 3, nenkampani iCheeky Media eyenza lolu hlelo, baveze ukuthi u-Anele uzonyamalala kuzona zonke izinhlelo azenzayo kwithelevishini nasemsakazweni.

Esitatimendeni abasikhiphile baveze ukuthi u-Anele uzoya eholidini ngoba selokhu kwaqala uhlelo akakaze asithole isikhathi sokuphumula.

UDoulha Domingo wakwaSABC 3, uthe abangabazi ukuthi u-Azania uzokwenza umsebenzi oncomekayo.

“U-Azania usezakhele igama emsakazweni nakwithelevishini, akunoma ngubani ongavala isikhala sika-Anele ngakho u-Azania siyazi uzokwenza umsebenzi oncomekayo,” kuchaza yena.

U-Azania ubhale kuTwitter wathi uyaqala ukuthola ithuba elifana naleli njengoba engumuntu obegxile emsakazweni nasemabhizinisini.

“Yinto enhle kakhulu ukuthi ngingene kwithelevishini ohlelweni olufana nalolu. Kusho lukhulu kimina futhi ngibonga wonke umuntu ongifisela okuhle,” kuchaza yena. Uzoqala ukubonakala kulolu hlelo ngoLwesibili oluzayo. KUGQAME UBUMBANO KWEKAMADIKIZELA

Thobani Jobenation Sithole: ihlomile.

Kholiwe Xaba: Bebenzela amehlo abantu, ababumbene nhlobo.

Xolani MzukulukaManyosi Shandu: Bekukuhle impela uma ubuka indlela ebebumbene ngayo. Ngibone nezembabazane ezikamfo kaMathole i-IFP zigida zivuma ingoma kukuhle. Kuyasho ukuthi umama uWinnie ubewumuntu wabantu.

Sanele Sangweni KwaCeza KwaDamba: Uma lungahlala lukhona ubumbano kungaba nokuthula eMzansi. Ihlekisana AKUCACI NGOBABES KOKATIRA

S’bu S’ya: Ungabomdelela umuntu owakunika isandla wakuphakamisa, kukwamhlaba lana.

Cxolile The-Legacy Mgcine: okushaya amanzi lana.

Xolani MzukulukaManyosi Shandu: Kungenzeka ukuthi uTira ufuna ukumbamba ngophondo uBabes ngezizathu esingazazi thina balandeli. Kukhona

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.