Kuvalwe umgwaqo ngokufa kwabafundi

Isolezwe - - IZINDABA - NONTUTHUKO NGUBANE noKWANDOKUHLE NJOLI

UVUKE umbhejazane wavala umgwaqo umphakathi waseRichmond Farm, ngaseNewlands, eThekwini, ngemuva kokushona kwabafundi ababili abayizelamani abashayiswe yitekisi beya esikoleni, izolo.

U- Ayanda Dlamini (12) noKgotso Mpaya (5) abahlala eSiyanda, KwaMashu, bebehamba ngomgwaqo uDumisani Makhaye beya esikoleni eThobile Senior Primary ngesikhathi beshayiseka.

U-Ayanda ubefunda uGrade 7 uKgotso efunda uGrade R.

Ngokusho kozibonele abafundi bebewela, uthisha wesikole sabo emile ngemoto ukuze abadedele bawele. Itekisi kuthiwa idlule ngakwesokudla, emugqeni ophuzi yabashayisa.

Umphakathi uvale umgwaqo usuku lonke, wabeka amathayi avuthayo namatshe, ukhala ngokungafakwa kwebhuloho labahamba ngezinyawo kulo mgwaqo abathi uyingozi.

Okhulumela umphakathi uNksz Silondiwe Ngogwane ukhale ngokuthi sebebaningi abantu asebeshonile kulo mgwaqo njengoba lingekho ibhuloho labahamba ngezinyawo.

“Kade sasicela ukuba ikhansela lisifakele ibhuloho ngoba abantu bashayiseka njalo kulo mgwaqo. Awekho namarobhothi ngakho izimoto zigijima ngokweqile,” kusho uNksz Ngogwane. Izingane zesikole ebekufunda kuso abashonile, zikhishiwe imizuzwane emuva kokucelwa abazali, zayobhikisha emgwaqweni okwenzeke kuwo ingozi. Iphini likathishanhloko wesikole, uMnuz Ntobeko Ngcobo, lithe baphazamiseke kakhulu ngalesi sigameko.

“Laba bafundi balimale ngesikhathi sisemthandwazweni. Ngisuke nomunye uthisha siyobheka ngoba kuseduze nesikole. Kuvele kwamuncu ngoba omunye uzwakwethu uzibonele ingozi. Izingane zethu neziqhamuka kwezinye izikole eziseduze nathi zihlale zisengozini ngoba ziwela kulo mgwaqo nsuku zonke,” kusho uNgcobo.

Unina wezingane uNkk Dudu Dlamini izolo utshele Isolezwe ukuthi ngesikhathi efika endaweni yesigameko ubengakholwa wukuthi izingane zakhe sezishonile.

“Namanje kusenzima ukukholwa ngoba ngihlukane nabo ekuseni ngizitshela ukuthi ngizobabona ntambama. Ngifike endaweni yesigameko ngabavusa ngizitshela ukuthi baqulekile nje. Bebehamba kule ndlela zonke izinsuku,” kusho uNkk Dlamini.

Uthe laba bafana bayalamana, uKgotso yingane yomnakwabo kodwa ubehlala nabo nenye ingane yakhe eneminyaka emithathu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col. Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini saKwaMashu.

Isolezwe lithole ukuthi umshayeli ubalekile endaweni yesigameko waziyisa esiteshini samaphoyisa.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal uMnuz Robert McKenzie uthe akukho abebengakwenza ngoba befike izingane sezishonile.

Isithombe: SIBUSISO NDLOVU

KUKHISHWE izingane zesikole eRichmond Farm, abazali bevale umgwaqo ngemuva kokushayiseka kwezingane ezimbili zashona

Isithombe: SIBUSISO NDLOVU

UMPHAKATHI waseRichmord Farm eThekwini, izolo uvale umgwaqo ukhala ngezingozi ngenxa yokungabi bikho kwebhuloho labahamba ngezinyawo emuva kokushona kwabafundi ababili abashayiswe yitekisi

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.