Bazinikele emaphoyiseni ababonakala kwi-video beqhumisa izibhamu

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

BAZINIKELE emaphoyiseni aseHillcrest eThekwini, abasolwa abathathu okusabalale i-video yabo beqhumisa izibhamu esidlangalaleli.

Laba basolwa okubonakala sengathi bangonogada bamatekisi babonakala beqhumisa izibhamu ngokushintshana kukhona abantu abamemezayo nabahlekayo.

Isolezwe lithole ukuthi laba babedubula emgwaqweni ongasemathuneni aseMolweni.

Laba bazinikele nje amaphoyisa abesebafuna ngoba i-video yabo ibisisabalele kubantu abaningi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe abasolwa bazinikela bakhokha ibheyili kaR1 500 umuntu emunye base beyadedelwa kanti bazovela eNkantolo yasePinetown namuhla ngecala lokuqhumisa isibhamu esidlangalaleni.

Khonamanjalo onogada abathathu abazinikele nabo emaphoyiseni ngoLwesibili ngecala elifanayo eHowick kuthiwa bavele enkantolo izolo, icala lahlehliselwa isonto elizayo. Labo nogada baqhumisa izibhamu emhlanganweni we-ANC eHowick ekuqaleni kwesonto ngesikhathi kunomhlangano. Kwesinye isigameko, amaphoyisa aseMgungundlovu aphenya ngokushona kwamalungu amahlanu omndeni owodwa eWillowton angqongqe izolo indlu abelele kuyo ithungeleka ngomlilo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.