Ubhekwe ngabomvu omayelana neSteinhoff

Isolezwe - - IZINDABA - SIYABONGA MKHWANAZI

UBHEKWE ngabomvu umhlangano wonyaka weSteinhoff ngesonto elizayo lapho kulindeleke ukuthi kuvezwe isimo sezimali sale nkampani.

Ongqongqoshe balindele ukuthi bathathelwe izinyathelo abathinteka ehlazweni lokuthi kube khona abalahlekelwa yizigidi zempesheni yabo kule nkampani.

USihlalo weScopa ePhalamende, uMnuz Themba Godi, uthe balindele imininingwane egcwele mayelana nesimo sezimali zale nkampani ngesonto elizayo.

UGodi uthe bafuna nombiko ngophenyo olwenziwa iPriceWaterhouseCoopers.

Amaqembu aphikisayo athi akholwa ukuthi umhlangano wangelizayo uzoveza isithombe esigcwele ngokuthi kwenzekani.

Athe afisa ukuzwa kabanzi ngezimali zale nkampani eminyakeni embalwa edlule.

Le nkampani iphelelwe yisithunzi sayo ngemuva kokuvela kwaleli hlazo ngoDisemba ngonyaka odlule. Kuleli sonto idayise amasheya angu-200 million ngenhloso yokuvala isikweletu sikaR3.7 billion. Imali yemakethe yamasheya abesesikhwameni yehle isuka kuR27.6 billion, yaya kuR2.9 billion.

UGodi uthe bafuna lusheshe uphenyo. “Esikubheke kakhulu kulo mhlangano uphenyo olwenziwa iPwC ngoba siyazi ukuthi imihlangano ibuye izikhethele amalungu ebhodi amasha okuyinto esingenandaba nayo kakhulu,” kusho uGodi. UMnuz David Maynier weDA uthe basafuna obeyisikhulu esiphezulu kwaSteinhoff uMnuz Markus Jooste avele phambi kwePhalamende.

UJooste wanqaba ukuvela phambi kwePhalamende emasontweni ambalwa edlule.

Uthe uJooste kumele aphoqwe ukuba avele ePhalamende uma eqhubeka nokunqaba.

“Njengoba sekuqala ukushuba abanye babaqondisi kule nkampani sebeqala ukupendana ngenhloso yokuzisindisa bona,” kusho uMaynier.

UMnuz Steve Swart we-ACDP uthe bayathemba ukuthi umhlangano wangelizayo uzoveza isithombe ngokuthi kwenzekani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.