Badinwe balaxaza udoti ehhovisi

Isolezwe - - IZINDABA - ZANELE MTHETHWA

KUPHAZAMISEKE ukusebenza emahhovisi asedepho yokuqoqa udoti kaMasipala weTheku Ottawa izolo, emuva kokuba amalungu omphakathi elaxaze imfucuza phambi kwesango layo. Umphakathi uthe uzoqhubeka nokulahla imfucuza phambi kwalawa mahhovisi uma udoti ungaqoqwa njengoba sekuphele amasonto amathathu ugqibelana emgwaqweni.

Izolo abasebenzi bakwaDurban Solid Waste (DSW), bahluleke ngisho ukungena emasangweni ngenxa yemfucuza ebivimbanisile, kuze kwabizwa amaphoyisa ukuthi azoqapha isimo.

Isolezwe lifice izolo kugade amaphoyisa kaMasipala, udoti usagcwele ngaphandle kwesango.

Okhulumela umphakathi futhi oyilungu lekomiti ku-ward 102 eVerulam uMnuz Jabulani Mzobe, uthe sekukaningi bezama ukuxazulula udaba lokungaqoqwa kukadoti. Uthe elesine leli sonto udoti ungaqoqwa, kanti lesi simo sesidale ukuthi kuvimbanise nephunga kule ndawo.

“Akuqali nonyaka ukuthi sibe nenkinga yokungaqoqwa kukadoti. Kade sasiba nezingxoxo sizama ukusizakala kodwa awukho umehluko. Ekuqaleni kwalo nyaka sabikela ikhansela ngale nkinga kodwa sangasizakala, sadlulela kuXulu obhekene nokukhishwa kwamathenda kadoti kwaDSW nakhona sangasizakala.”

Uthe basola umbango wokukhishwa kwamathenda ngalesi simo.

“Ngeke sivumele ukuthi kuphazamiseke umphakathi ngenxa yemibango. Saya kochazela umphakathi ukuthi sesihlulekile ukuxazulula lolu daba, wanquma ukuyolahla imfucuza kulawa mahhovisi,” kusho uMzobe.

Kuthiwa ukulaxazwa kukadoti kuqale ngoLwesithathu, amalungu omphakathi ethutha udoti ngezimoto zawo eyowulaxaza kwaDSW. Umphakathi uthe ubone kuyiyona ndlela ezokwenza ukuthi unakwe ezikhalweni zawo ngoba nezingane zizongenwa yizifo ngenxa yemfucuza engaqoqwa.

Kuthintwa uMnuz Siyabonga Thango oyikhansela, unqabile ukuphawula ngalolu daba. Uthe akanalo igunya lokukhuluma nabezindaba, wacela kuthintwe usomlomo wamakhansela.

Kuthunyelwe imibuzo ngeemail kuMasipala weTheku, kwashaya isikhathi sokuloba ingakaphendulwa.

Sekunesikhathi eside kunenkinga yokungaqoqwa kukadoti ezindaweni

Isithombe: BONGANI MBATHA (ANA) AFRICAN NEWS AGENCY

Bathwale kanzima abasebenzi basemahhovisi kaMasipala weTheku Ottawa befica kuvalwe isango ngodoti. Kuze kwabizwa amaphoyisa abezoqapha isimo kulawa mahhovisi

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.