Kufunwa umfana odukile

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA aseHighflats aphenya icala lokulahleka komfana (16) okuthiwa uhambe kubo eSpringvale eyolusa izinkomo wangaphinde wabuya.

UBongumusa Mkhize kuthiwa ugcine ukubonakala ngoMashi 31 ekade esuke ekhaya eyolusa izinkomo kodwa kuze kube namuhla akakaze abuye.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Thulani Zwane, uthe zonke izimpahla zakhe ngisho neselula wakushiya ekhaya. UBongumusa kuthiwa wagcinwa egqoke isikhindi esinokumhlophe nokumnyama.

Kucela ongaba nolwazi olungaholela ekutheni atholwe ukuthi athinte uSergeant Pretty Maphumulo wophiko lodlame emndenini, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi ePort Shepstone ku-071 740 0527 noma ku 039 834 1013 noma bashayele inombolo yokubika ngobugebengu u 08600 10111.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.