Uvalo emndenini kudedelwa obesolwa

Isolezwe - - IZINDABA - ZANELE MTHETHWA

IPHEPHANDABA Abanye balibuka balidelele, Abanye balifoqonge balinyomfoze, Balahle ngalo okubahluphayo emakhaleni,

Abanye baze balahle ngalo itshe lentaba imbala,

Bakhohlwe wumcebo wefa lezindaba eliziqukethe. Abanye balibuka balenyanye, Balethuke beligxibha begxeka, Bebeka izintatheli amabala, Ngoba zingabikanga ngalokho okufunwa yibo,

Abanye balithi nje nhla bese begegetheka kakhulu ngoba libalethela ezimnandi.

Izintatheli zigxekwa zigxijwe ngokuvundulula amaqiniso

Ziliphenya ibheshu indoda izishayele ngezinqe, Yehlelwe yisithunzi nokwethenjwa, Lapho sekuvele obekungafanele kwaziwe yizwe,

Abanye balenza inkundla yokushayana kwezombangazwe,

Abanye balenza inkundla yokubanga izikhundla,

Abanye balenza inkundla yokungcofana ezikhundleni zemiNyango kahulumeni,

Abanye balisebenzisela ukuzakha bona nezinkampani zabo. Kwabaningi liyafundisa lakhe, Kwabaningi abanezinyawo ezinodaka liyona liyabhidliza, Kwabaningi liyashumayeza liduduze, Kwabaningi liwumgudu wokuhambisa izikhalo nezifiso kubaholi Ngentuthuko ezindaweni zabo, KAZI KUWENA LITHINI? Thembinkosi Biyela Kuwe ebesondla isizwe , Kuwe uMlahlankosi uqobo kwagoya Isizwe,

Kukhothame iNdlovukazi ye Afrika.

Zibongo ziyagqitshwa zivukuzwe ukufa ,

Mbali ethukuswe kufanele igqanyiswe ihlobe, Dayimane elishuthekwe ngasithe Bethi bayaligqunqisa Kanti lingelekhethelo aligqwali.

Qhawe elivinjelwe ukuhaywa lithaphuzwe, Zibongo aziqedwa, Kuhlabana kweAfrika, Izizwe zonke zikhothama kuwe Ngqungqulu. Nkokheli ezikhande ngokubekezela, Mkhonto wesizwe butho labantu, Msobozeli wempi ngamatshe nangezimbokodo.

Zibongo ziyagqitshwa zinikezwa izintandokazi, Ziphikiswa okwezipho zomcimbi, Abazijulukele begodlelwa benaphazwa, Mafa abelwa osaziwayo, Abawajulukele izithukuthuku Bethelwa ngehlazo bedunyazwa, Buholi buyabiwa njengamafa. Ngqongqo oyi Ngonyamakazi,

Mkhumbuz’ ogadle ngomkhonto wesizwe,

Butho elizibuthe lona lahola abadunyaziwe, Themba lenhliziyo yabantu, Mnyezane obhonculwe Walahlwa Njengedungamuzi Kodwa wafika wathela njengezindoni, Mfumbathi wesizwe mfumbathi we Afrika. Lala ngokuthula qhawekazi le Afrika, Lala ngokuthula Mama wesizwe, Lala ngoxolo Mbumbi wesizwe , Lala ngomusa Nkokheli yoqobo, Phumula Mama, Phumula Winnie Madikizela-Mandela. GS Mkhwanazi UZONGCWABA kusasa ujeqeza umndeni wowesilisa waseNquthu, isidumbu sakhe esitholakele sesonakele ngoLwesihlanu oludlule ngemuva kokuthi uyisemkhulu obesolwa ngokuzama ukugwazela amaphoyisa okumataniswa necala lokubulala ededelwe ngenxa yokushoda kobufakazi.

UMnuz Mdelwa Isaac Khanyile (54) ongumnikazi wamatekisi amanye ahambela eGoli, udedelwe ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi eDundee, emuva kokuboshwa ngeSonto. Ubeboshelwe ukuzama ukugwazela amaphoyisa ukuze agqibe ubufakazi ecaleni elimmatanisa nokunyamalala komzukulu wakhe uMnuz Thulani Khanyile (28).

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe uKhanyile udedelwe ngenxa yokushoda kobufakazi ecaleni lokugwazela amaphoyisa. Utshele Isolezwe ukuthi uphenyo luyaqhubeka. “Ecaleni lokuthumba nelokubulala kusaboshwe umsolwa oyedwa. Kusolwa ukuthi nguye owagcina ukubonakala nomufi, kumanje usavalelwe esitokisini,” kusho uZwane.

Izolo umndeni kamufi uthe ngeke ungcwabe ngokukhululeka njengoba ungenaso isiqiniseko sokuphepha kwawo.

Uninalume kamufi, uMnuz Qaphela Khanyile, uthe bazwile ukuthi umsolwa udedeliwe ngoMsombuluko kodwa bebethi uphume ngebheyili. “Kuyamangaza ukuthi yibuphi ubufakazi obushodayo ngoba yabonakala ngisho imali abezama ngayo ukugwazela amaphoyisa. Siwumndeni senzelwe phansi kuleli cala.” Uthe bazwile nangokuthi kuboshwe omunye umsolwa ngezinsolo zokuthumba umufi.

Umufi wanyamalala ngoMashi 2 enabangani bakhe esitolo khona eNquthu, kuthiwa wathathwa yimoto engaziwa. Ngokusho kwabangani bakhe kuthiwa emotweni kwabonakala uyisemkhulu. Umndeni washayelwa amaphoyisa ucingo ngoLwesihlanu oludlule mayelana nesidumbu esatholakala eSandlwana. Kuqinisekisiwe ukuthi ngesikaKhanyile, umndeni wasihlonza ngezingubo zakhe yize bese sonakala. Umndeni usola nokuthi umufi wabulalwa kwenye indawo wagqitshwa, wabuye wambiwa wayolahlwa eceleni komgwaqo njengoba uthe isidumbu sasinenhlabathi. Ngesikhathi sokuloba izolo umndeni ubusalinde umphumela kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu njengoba usola nokuthi sicwiyiwe. Umndeni uthe ubungakaze ube nengxabano noyisemkhulu kamufi, ukusolwa kwakhe kuleli cala osekususe ukudideka nokungezwani.

Isithombe: SITHUNYELWE

UYATHUTHUMELA umndeni kaMnuz Thulani Khanyile emuva kokudedelwa komsolwa onguyisemkhulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.