Utuswe owoZalo oweBlack Mambazo

Isolezwe - - IZINDABA - CHARLES KHUZWAYO Ebika eseMnambithi

UMLINGISI woZalo uMasoja Msiza-Ngubane utuse umsunguli weLadysmith Black Mambazo, uSolwazi Joseph ‘Mshengu’ Shabalala, ngamagalelo akhe emcimbini obukwaShabalala eMnambithi izolo.

AMambazo abezokhombisa uMshengu indondo yeBest World Music ewinwe yileli qembu kuma60th Grammy Awards, eNew York e-USA ekuqaleni kwalo nyaka.

UMasoja, odlala indawo kaNkunzi, uze wenza inkondlo ahloniphe ngayo uMshengu esihloko sithi People Talk.

Echaza ngobudlelwane bakhe neMambazo, uMasoja uthe ukhule ebukela kuMshengu ngesikhathi naye esacula isicathamiya.

“Sikhuliswe yizingoma zeBlack Mambazo oNomathemba. UMshengu uyibekile induku ebandla. Uwenzile umsebenzi, siyazibona izithelo zawo,” kusho uMasoja obephethe uhlelo.

Eqhuba uthe lokhu kuyizinkomba zokuthi umuntu emhlabeni unqoba ngento azalwe nayo “hhayi yomunye umuntu ngoba umuntu uzalwa efumbethe,” kusho uMasoja.

Omunye wamalungu amadala eMambazo, u-Albert Mazibuko, uthe bebezokhombisa uMshengu indondo yabo yesihlanu yamaGrammy ngoba babedlule kuye beya kulo mqhudelwano.

“Ngesikhathi siya eMelika ngoJanuwari seza kuMshengu sizocela izibusiso.

Ngempela sawudla umhlanganiso eMelika kwathi kwenye indondo sahlulwa enye intombazane. Sibonga nemithandazo yabantu baseNingizimu Afrika,” kusho uMazibuko.

Emcimbini bekukhona nowayenguphromotha weMambazo eminyakeni eyedlule uBuzwezintombini Nkosi ochaze izikhathi ezinzima adlula kuzo neMambazo. “Esasinabo abasekho. Ngithi qinani, siyabonga ngoba nisaqhubeka nokuqhakambisa leli gama ngoba lasetshenzelwa,” kusho uNkosi.

Esinye isakhamuzi saseMnambithi, uDoreen Larsen, sithe uMshengu kufanele ahlonishwe kakhulu eMnambithi ngoba igama ledolobha uligqamisile.

“Uma utshela abantu ukuthi uvela eLadysmith, bakubuza ngeMambazo,” kusho uDoreen.

UThulani Shabalala, oyilungu leMambazo ubonge uMshengu ngokubahlanganisa njengamadodana “kodwa wasifundisa kabuhlungu ngoba wayesivusa nango-2 ekuseni ethi akuculwe.” Omunye wabaholi beqembu uS’bongiseni Shabalala uthe bazofulathela leli namhlanje balibangise e-England emcimbini wokugujwa kosuku okwazalwa ngalo iNdlovukazi yamaNgisi. “Ngomhla ka 29 sizoba nochungechunge e-Europe siphinde sinandise kwiAfrica Day Concert, eBassline, eGoli ngoMeyi 26 bese siba nochungechunge lwamakhonsathi eState Theatre ePretoria ngoJuni 1 kuya kumhla ka-3,” kuphetha uS’bongiseni. UmkaMshengu uKaMaduna uthandazele iqembu walifisela uhambo oluhle. Ngenxa yokungaphatheki kahle, uMshengu ubengathi vu kodwa ejabule.

Izithombe: DOCTOR NGCOBO

IQEMBU iLadysmith Black Mambazo lihambise indondo elibuye nayo kumaGrammy Awards phesheya kwezilwandle kumholi walo uJoseph Shabalala emzini wakhe eLadysmith

MASOJA MSIZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.