Basathuthumela ngengoduso ebihlukunyezwa yabulawa yiphoyisa

Isolezwe - - IZINDABA - LUNGI LANGA

UKHALA ezimathonsi umndeni wowesifazane (29) waseNorthdale, eMgungundlovu, okuthiwa udutshulwe wabulawa ngumyeni wakhe obeyiphoyisa eGreytown abesemshiyile ngoba emhlukumeza.

Umndeni kaNksz Wendy Dlamini usathuthumela ngokubulawa kwakhe ngumyeni wakhe obenguyise wengane yakhe yentombazane enezinyanga ezingu-10 obehlala ngokumshaya.

Isihlobo sakhe esicele ukuthi igama laso ligodlwe ngoba umndeni usuke wasatshiswa ngumsolwa, sithe umufi ubengasathandani nalo mlisa.

UNksz Dlamini obehlala eShowe lapho abesebenzela khona kuthiwa ubevakashe kubo eNorthdale ngempelasonto edlule ezobona izingane zakhe.

UNksz Dlamini ubenezingane ezintathu, ezimbili ezingabafana ebezingazalwa wumsolwa, eneminyaka engu-10 neneminyaka emine. Izingane zakhe ezindala bezihlala kubo lena encane ihlala kubo kamsolwa emuva kokuthi beyicelile ukuthi izohlala nabo emuva kokuthi uNksz Dlamini eshiye umsolwa ngoba ekade emshayile ngenyanga edlule.

“UWendy ubethula engayena umuntu othanda ukukhuluma kodwa ugcine esitshelile ukuthi lo mfana uyamshaya. Ngesikhathi esanda kubeletha wamshaya enomthungo. Ngenyanga edlule umshaye wano-blue eye ngoba lo mfana ehambe wangabuya ekhaya. Uthe uma ebuya ebona uWendy engasho lutho engamlwisi wambuza ukuthi uthuleleni. UWendy wathi uma emtshela ukuthi ubonga ukuthi ubuye ekhaya ephephile wamshaya wathi unenhliziyo embi. Ubemhlukumeza kakhulu,” kusho isihlobo.

Sithe uNksz Dlamini uqoke ukumshiya lo mlisa ngoba ethi ngeke asakwazi ukuqhubeka naye. Bekulindeleke ukuthi baqhubeke nezinhlelo zomshado njengoba bekufanele kube nomembeso ngoJuni.

“Ugcine ebonwa ephuma endlini ekhuluma nocingo. Kuphele imizuzu engu-30 ehambile lo mfana wafonela umngani wakhe (umsolwa), ongumakhelwane wamtshela ukuthi akatshele umzala wakhe azolanda isidumbu sikadadewabo. Sihlukumezeke kakhulu ngokushona kukaWendy. Akekho oyovala isikhala sakhe. Nezingane zakhe bezilokhu zikhala zisho ukuthi zikhumbule unina,” kusho isihlobo sakhe.

Kuthiwa umsolwa umdubule amanxeba amathathu, amabili ekhanda nelilodwa esifubeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane uthe: “Umsolwa uzinikele emaphoyiseni. Idokodo lecala selidluliselwe ophikweni oluphenya amacala enziwa ngamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) nokuyibo abazoqhubeka nophenyo.” Ethintwa ngalolu daba uMnuz Moses Dlamini, okhulumela i-IPID, uthe umsolwa uzovela namuhla enkantolo.

Isithombe: BONGANI MBATHA (ANA) AFRICAN NEWS

KUSENZIMA ukwamukela emndenini kaMnuz Sbonelo Dlamini obulewe ngesihluku ngempelasonto. Esithombeni uNksz Zandile Dlamini ongudadewabo kamufi nonina omncane kamufi uNkk Genge Mtshali abebeduduza unina kamufi uNkk Fakazile Dlamini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.