Ingqungquthela ihlukanisa amalungu e-ANC

Isolezwe - - IZINDABA - MLUNGISI GUMEDE

AHLUKENE phakathi amalungu e-ANC KwaZulu-Natal mayelana nengqungquthela yesifundazwe ebhekwe ngabomvu.

Izolo amakhulu amalungu e-ANC ahambisana noMengameli Cyril Ramaphosa ahlangane eSouth Beach alibekangembaba elokuthi awafuni ibe khona ingqungquthelela. Ngakolunye uhlangothi, uNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Bheki Ntuli, uthe bona bafuna ihlale ingqungquthela.

UNtuli uthe konke sekumi ngomumo mayelana namalungiselelo engqungquthela.

“Kubalulekile ukuthi ingqungquthela ibe khona ngoba akukwazi ukuthi isifundazwe esikhulu njengeKZN singahlala singenabo ubuholi obukhethwe ngokusemthethweni.”

Uthe ukuba khona kwengqungquthela kuzosiza ekutheni kuphinde kube nomkhombandlela esifundazweni.

Ingqunngquthela yesifundazwe bekumele ibe khona kule nyanga kodwa ubuholi bukazwelonke baphakamisa ukuthi azithi ukuma kancane izingqungquthela kuze kuba kuyamenyezelwa ukuthi zizoba khona nini.

Uhlaka lwesikhashana olubhekelele ukusebenza kweANC esifundazweni oluholwa nguMnuz Sihle Zikalala noMnuz Mike Mabuyakhulu lubunjwe ngoFebhuwari emuva kokuhlakazwa kobuholi boZikalala noMnuz Super Zuma.

Uhlaka lukaZikalala noMabuyakhulu belunikwe izinyanga izintathu ukuba luzame ukubumba isifundazwe lubize nengqungquthela.

Umholi wamalungu athi ayihlehle ingqungquthela, uMnuz Thabani Nyawose, uthe bayaphakamisa ukuthi ingqungquthela yesifundazwe ihlehliswe kuze kudlule ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.

“Kunezikhalo ezikhona mayelana nokuncishwa kwamanye amalungu ubulungu bukaKhongolose. Siyafisa ukuthi lezo zinkinga zixazululwe, kuphinde kwakhiwe ubumbano ngoba sinovalo lokuthi uma singase siye engqungqutheleni izinkinga zingakaxazululekile sizoya okhethweni sihlukene phakathi lokho okuzoba ingozi enkulu.”

Uthe banenkinga ngoSihlalo noNobhala be-ANC emagatsheni ngoba baphendula i-ANC into yabo.

“I-ANC akuyona eyobuholi bamagatsha nezifunda kodwa ngeyomphakathi wonke,” kusho uNyawose, othe behle kakhulu ubulungu be-ANC eThekwini ngenxa kobuholi obukhona.

“Ngesikhathi sikamufi uMnuz John Mchunu, owayenguSihlalo, i-ANC yayinobulungu obubalelwa ku-185 000, yehla yaba ku-85 000, kuBheki Ntshangase, manje seyehle kakhulu isiyela ku-50 000, kuMnuz Bheki Ntuli. Yihlazo ukuthi i-ANC ingaba nobulungu obuko-50 000 edolobheni elinabantu abangaphezu kuka-2 million.”

Uthe ezinye zezizathu ezidala ukuthi behle ubulungu benhlangano wukuthi ubuholi obukhona bucabanga ukuthi uKhongolose yinto yabo nabangani babo.

UNyawose unxuse ubuholi bukazwelonke benhlangano, ikakhulukazi iNational Working Committe ukuthi bungenelele KwaZulu-Natal.

Uthe bafuna uhlaka lwesikhashana olukhona luhlakazwe kubekwe esinye isigungu esizoyisa inhlangano okhethweni lukazwelonke bese kuba nengqungquthela ngemuva kokhetho.

Uthe bafuna namakhansela omphakathi ukuba anikwe ubulungu be-ANC.

“Amakhansela omphakathi anqoba okhethweni nanganqobanga sithi awangancishwa ubulungu benhlangano ngoba i-ANC ikhaya lawo,” kusho uNyawose.

Imizamo yokuthola uZikalala noMabuyakhulu izolo ayizange iphumelele izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa. NoMnuz Pule Mabe, okhulumela i-ANC kuzwelonke, akatholakalanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, nemiyalezo athunyelelwe yona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphendulile.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.