Ithimba elizongenisa u-R100b kuleli eminyakeni emihlanu

Isolezwe - - IZINDABA - BONISWA MOHALE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umemezele ithimba elikhethekile elizoheha abatshalizimali okufanele bangenise u-R100 billion emnothweni waseNingizimu Afrika kule minyaka emihlanu ezayo.

Amalungu ethimba ngowayenguNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Trevor Manuel, owayeyiPhini likaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Mcebisi Jonas, nowayeyisikhulu sakwaStandard Bank, uMnuz Jacko Maree noNkk Phumzile Langeni, oyisikhulu se-Afropulse Group Proprietary Limited, ebhekelele ezokutshalwa kwezimali.

Uphinde waqoka uDkt Trudy Makhaya, oyisazi somnotho ophinde abe nguMqondisi kwaMTN, njengomeluleki wakhe wezomnotho.

Namhlanje uRamaphosa uya eLondon engqungqutheleni yomnotho wamazwe akuCommonwealth.

“Ithimba lami lizohambela amazwe ahlukene omhlaba liyoheha abatshalizimali. Lizoya eMiddle East, Asia, USA nasemazweni aseAfrika ukuqinisekisa ukuthi abatshalizimali beza eNingizimu Afrika,” kusho uRamaphosa.

Uthe uMengameli waseChina, uMnuz Xi Jinping, umtshelile ukuthi baningi abantu baseChina abafuna ukutshala imali yabo eNingizimu Afrika.

“Sizohamba njengamabhubesi eyozingela uma sesifuna abatshalizimali. Namhlanje ngizohamba noJacko Maree eLondon ukuyoheha abatshalizimali. Ngizophinde ngibuze abatshalzimali ukuthi banaziphi izingqinamba bese ngizilungisa. Siyoheha abatshalizimali eLondon. Ngesonto elizayo uManuel uzoheha abatshalizimali engqungqutheleni ye-World Economic Forum. Inhloso yethu wukufukula umnotho, sidale amathuba omsebenzi, siqinisekise ukuthi umnotho unazo zonke izinhlanga zakuleli nabatshalizimali bamazwe omhlaba,” kusho uRamaphosa.

Uthe bazoqhubeka nokuxhasa osomabhizinisi abancane nokuthenga kubona ukuze izinkampani zabo zikhule.

Usebe nezingxoxo noMnuz Jack Ma, onenkampani edayisa impahla kwi-internet, i-Ali baba, afuna ukuthi ithenge impahla yayo eNingizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.