Kunevoti lokungabethembi ubuholi bukaMahumapelo

Isolezwe - - IZINDABA - SIVIWE FEKETHA

NAMHLANJE uNdunankulu waseNorth West uzobhekana nevoti lokungabuthembi ubuholi bakhe elihlelwe yi-EFF.

Leli voti lilandela ukuvela kwemibiko yokuthi uMnuz Supra Mahumapelo unobudlelwano obujulile nomndeni wakwaGupta. UMengameli we-ANC Youth League, uMnuz Collen Maine, uveze ukuthi nguMahumapelo owamethula emndenini wakwaGupta odume ngokudla imali kahulumeni.

Kuvela nokuthi indodana kaMahumapelo yathola umfundaze ka-R1.1 million wokufundela ukushayela amabhanoyi enkampanini kahulumeni iDenel.

IPhini likaNobhala we-ANC, uNksz Jessie Duarte, lithe kusasa i-ANC izoya eNorth West ukuyobhunga udaba lukaMahumapelo noma ngabe ivoti lokungabuthembi ubuholi bakhe liyaphumelela.

Khonamanjalo, agcine engafikanga esithangamini nabezindaba amalungu e-ANC Womens League asolwa ngokusula ezikhundleni ngoba edicilela phansi isithunzi sikaNkk Winnie-Mandela.

Esikhundleni samalungu abelindelekile kufike, uNksz Duarte otshele abezindaba ukuthi akulona iqiniso ukuthi amalungu e-ANCWL asula ngoba efuna ukudicilela phansi isithunzi sikaNkk Madikizela-Mandela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.