Sizoqanjwa ngoNelson Mandela isikhumulo

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

YIZE umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, ecele ukuthi isikhumulo samabhanoyi, iCape Town International Airport siqanjwe ngoNkk Winnie Madikizela-Mandela kodwa kushone elayizolo sekuvele imibiko yokuthi izoqanjwa ngoDkt Nelson Mandela.

UNkk Deidre Davids, obhekelele ezokuxhumana kwi-Airports Company South Africa (Acsa), uthe uNgqongqoshe wezokuThutha uDkt Blade Nzimande ubayalele ukuthi baqale izinhlelo zokushintshwa kweCape Town International Airport ibe yiNelson Mandela International Airport.

“Ukuqanjwa kwesikhulumo samabhanoyi kunezigaba eziningi okuhlanganisa nesokuthi kuxoxwe nazo zonke izinhlaka ezithintekayo nomphakathi. Siyakuqinisekisa ukuthi uDkt Nzimande wasiyalela ukuthi siyiqambe kabusha,” kusho uNkk Davids.

UMnuz Ishmael Mnisi, obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezokuThutha kuzwelonke, uthe ukuqanjwa kabusha kweCape Town International Airport kuhambisana nemigubho yokuhlonipha uDkt Mandela njengoba kuwunyaka wakhe lona.

Uveze ukuthi amanye amagama aphakanyisiwe ngelikaNkk Madikizela-Mandela, elikaNkk Albertina Sisulu nelomholi wePAC uMnuz Robert Sobukwe.

Uthe basebenzisana noMnyango wezobuCiko namaSiko futhi okwamanje kusaxoxwa.

UNksz Yonela Diko, okhulumela i-ANC eWestern Cape, uthe bayajabula ngesiphakamiso sokuqamba isikhumulo ngoMandela yize kungazange kuthintwe umphakathi.

Uthe kubalulekile ukuthi kuthintwe umphakathi nawo uphawule ngalolu daba ngoba uNkk Madikizela-Mandela naye wayilwela inkululeko njengowayengumyeni wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.