Ibambe ngakho kwisikhwishikhwishi soKhozi FM

Isolezwe - - IMIBONO -

EZINYE zezinto ezigqamile ngokudlula emhlabeni kukaNkk Winnie Madikizela Mandela wumkhuba ovamile kulo mhlaba wokuthi umuntu abongwe noma aphakanyiswe esethuli.

Ngenkathi esaphila uNkk Madikizela Mandela kugqame okungekuhle, kwacindezelwa amagalelo akhe okubhekana nesitha esasiwuhulumeni wengcindezelo.

Kungalesi sizathu nathi sibone kufanele simncome esaphila umsakazi woKhozi FM, uDudu “Lady D” Khoza.

Isikhwishikhwishi soKhozi sisanda kuhlonishwa ngendondo ekhethekile yezingqalabutho iHall of Fame kumaLiberty Awards, lapho kusuke kuhloniswa khona abasakazi.

ULady D wohlelo iJabul’ Ujule oKhozini iminyaka engu-25.

Uhlelo lwakhe lubalwa nezinhlelo ezihamba phambili emsakazweni, lokhu okufakazelwa nangokudonsa abakhangisi bona abasuke belandela isibalo esiphezulu sabalaleli.

Sincoma uLady D nje usenconywe kakhulu nangabafundi baleli phephandaba ngobunyoninco aphatha ngalo uhlelo.

Eminyakeni edlule abalaleli boKhozi baze basungula umkhankaso wokuthi angasuswa ohlelweni lwakhe kulandela imibiko yokuthi angase ashintshwe afakwe kolunye.

Kwacaca ukuthi zizoziqhatha nabalaleli izikhulu zoKhozi uma zazimshintsha ngoba babemfuna emoyeni.

Lokhu okwenziwa ngabalaleli kufakazela khona ukuthi uyintandokazi uLady D.

Simethulela isigqoko nathi futhi siyamhalalisela ngokuhlonishwa kumaLiberty Awards.

Ungomunye wabasakazi abahamba phambili kuleli, ikhono labo elingangabazeki.

Ukwazi ukukhuluma nezinhlobonhlobo zabantu emazingeni ehlukene nokwenza uhlelo lwakhe luthakaselwe ngabaningi.

Ezingeni asekulo uLady D sengathi angakwazi ukudlulisela kwabanye ulwazi. Abasakazi abasafufusa nabanephupho lokungena emsakazweni bakwazi ukuncela kuyena ngoba akusizi ukunconywa ngesimanga sekhono nobuciko kodwa kungahlomuli muntu ngakho. Halala Lady D! useyibambe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.